πŸ’›

izithakazelo

Tag: meijde

Izithakazelo zakwaMbeje Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMbeje

Mbatha,
Shandu kaNdaba,
Sontshikaze, Manyosi,
Gumbi lamagwala,
UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala,
Nasothini lomkhonto uyenela,
Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla,
Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni,
Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo!
Bhabha,
Magwaza,
Nkentenkente,
Olwakhela izintaba zase Nhlazatshe,
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile,
Bathi ingabe lolu nkentenkente lwenzani,
Ndaba koMkhulu,
Ndabezitha!

Izithakazelo zakwaMagwaza Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMagwaza

Yengwayo,
Njinji,
Mabhulu,
Wen’okajika khothama,
Gidizela wena waMantando,
Manqondo!

Izithakazelo zakwa Ndebele

Izithakazelo zakwa Ndebele

Ndebele
Mahaye kaMvanande
Othethela uMantshinga noNtsele
Mwelase!
Abangaweli ngazibuko,
Abawela ngezinsungulu.
Wena owakwasihlathi esihamba ngendlela,
Wena wakwa funisa umuntu inkonzo.

Wena kaMagwaza engugwini,
Owagwaza intombi nesoka. Mazankosi!
Nina abakwaDindela,
Nina abakwaMgolodelwa Ngokuzala uKhondlo Inkosi yaseMantshaleni.
Amashayela phezulu ngokumbindlu.
Amabethela isigogo.
MaBhele balekani imilenze ibomvu.
Ndaba!

Nina abakwaBhensa,
Nina abakwaMahaye,
Niba bakaMakhaphazela,
UNtunyelelwa wayeyisifamona.
Ivande lathethwa uMantshinga noNtsele.
UMekeza KaMshido.
AbakwaNdaba ngokugoba amadolo.
Imididwa edidwa ngamabala.

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Ndebele! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda yakho!

Price: R200.00

Abantu bakwa Mbatha

Abakwa Mbatha kusengabantu bakwa Shandu, MBEJE, Dladla. Lababantu babakhe eMangeni ngase Nkandla okwathi muva inkosi yabo uNdaba ka Sontshikazi wathuthela eNhlazatshe ngase Vryheid nesizwe sakhe. Kulapho azalela khona oMbeje, Dladla no Shandu.
Lendawo bayithanda ngoba yayiseduze kwabahlobo babo bakwa Zulu e Babanango kanti iseduze komfula iMfolozi emhlophe kanti futhi neNtaba iNhlazatshe inechibi elingomi lapho imfuyo ebeyikwazi ukuthola amanzi khona. Intaba lena beyibasiza futhi ukuthi babone isitha siseza le kude. Iyona ntaba lena obekuthi uma behlaselwa bazivikele ngayo. Lentaba yethiwa igama inkosi uNdaba ngoba ethi ‘Ihlanza Amatshe’ yagcina seyibizwa nge Nhlazatshe. Emadodaneni ka Ndaba uShandu owazinza kuyo lendawo abanye abafowabo oMbeje no Dladla bafuduka bazitholela izindawo zabo.
Emva kuka Shandu inkosi ebusile kube ngu Dunjwa okwathi uma ekhothama kungazelelwe ubukhosi bathathwa u Khali wabusela emzini kayise e Zivundleni. Amanye amadodana ka Shandu awazange athande ukuphathwa uKhali abe esehamba neqeqebana labantu bawo ayozifunela ezinye izindawo eziseduze. U-Nkomo no Mashiba baya e Zihlalo/Dlebe, uMandlovu waya eBaQulusini kanti uMngunyana waya kwa Nobamba/Danny Dalton. Kodwa-ke abazange baqhelelane ne Nhlazatshe, Mahlabathini, Dlebe, Zihlalo, Mabedlane, Ceza nezindawo ezisondelene nazo.
U Dladla yena waya koMnambithi, Nobamba/Weenen kanti abanye bazinza ko Msinga, Nquthu nezindawo ezakhelene nazo. Komsinga singabala uLugubhu ozalwa endlini ka Dumisa kanti waba nobudlelwane obukhulu nomfowabo uMbeje.

Izibongo zama Mbatha
Sontshikazi, Ndaba, Shandu, Mbatha, Mthiya, Mangcengeza, Khali, Mngunyana, Manyosi, Mashiba, Makhubalo, Mngeni, Dumisa, Nsibankulu, Nkomo, Mandlovu, Dunjwa, Mbudlele, Dilikana…
Amanye lapha amagama nje angazange aba yizibongo

Dladla
Mgabadeli, Mphembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala, Mnembe, Kweyama, Vezi, Gigaba, Ziyamanzi, Mathenjwa, Kolotshana…

Mbeje
Bhabha, Magwaza, Mlotsha, Sihlangu senxele,
Mabhala ngepensela abafokazane bebhala ngozipho, Gumbi lama gwala, Ndabezitha

Page 4 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén