clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Nyawo

Njiyela Clans👑

Njiyela, Bhengu, Dlabazana, Nyawo ezinoshukela, zibaya zenkomo, Mabheshu anqondo, mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi.

Nyawo Clan names

NYAWO
DUMAKUDE, MLABA , THANDA ABANTU BENGAKUTHANDI , SAMBANE, PHUMA EHLATHITHINI KWENILE, KUGCWELE IZINGWE NEZINGONYAMA

Bhengu Clan Praises 😍 Izithakazelo zakwaBhengu

Bhengu: Ngcolosi! Wena wakwaDlabazane,KaNgwane, KaNephu kaLamula, Nyawo zigezwa ngamazolo, Nina enivuka nixubhe ngelala, Shongololo, Wathi uyalithinta lahwaqabala, Ngabe siyakudla sesab’imilenzelenze, Nyawo zeshongololo kaziphumuli, Sigampu, Ngwane, ingwani ngwadi, Abayibone ngesond’ukuthi iwelile, Jali, Nina enilala nomunwe, Nivuke nikhwif’ilanga, Mmemezi kaHlangabeza, Ngcolosi!

Ukutshela kwezikaBhoqo

Ukutshela kwezikaBhoqo

Ukutshela umuntu kungaba izindaba zakhe ungashiyi lutho, kungaba umtshela noma amaqiniso.

Umsuka…..ibhoqo umuthi wokuphalaza, uma uphalaze ngalo uzwa ngathi isisu asisenalutho ngaphakathi

Izithakazelo zakwa Dumakude

Izithakazelo zakwa-Dumakude

Mngcobo,
Nzimase,
Mpunz’edl’emini,
Ebusuku iyalala,
Luhagane olwahaga umfazi esibunjini kwaze kwasa ethwibisheka,
Msongi wensimbi waybeka ekhanda,
Nyawo!

Izithakazelo Nomlando Wabantu BakwaNyawo

Izithakazelo Nomlando Wabantu BakwaNyawo

Mlaba!
Ximba!
Dumakude!
Nyawo zeshongolol’ azibaleki,
Umthandi wabantu bengamthandi
Indumanduman’ edum’ ezizweni
Hlath’ elikhulu elihlala lilil’ izingwe nezingonyama
Langa likhanyisela bonke
Wena kaSobhuza!

Umlando wabo
UNyawo kade akhe eJozini lapho wayehamba nabantu bakhe lapho ayengumholi wabo. Uthe uma esuka eJozini walibhekisa enyakatho nayo iJozini endaweni ebizwa ngokuthi iseHlathikhulu. IHlathikhulu iphakathi koPhongolo neBombo, indawo edume ngokuthi kuseKwaliweni. Unyawo wahlalisana nalabantu kulendawo ngaphandle kokuphazamisana nokuhlukumezana kwaba mnandi eside isikhathi. Phela omakhelwane babo kwakungabantu bakwaMngomezulu, oGumbi noMathenjwa kanye nabanye.

Isikhathi labantu bakwaNyawo bebelwa ngaso, ingoba besukeliwe bahlaselwa kuqala, manje bebelwa ukuzivikela ezitheni uma zibahlasela.

Kuthe ngokuhamba kwesikhathi, uNyawo wase eba namadodana, endala wayiqamba igama wathi uXimba elandelayo wathi uMlaba kwase kuba uShange. Isilo saseMgungundlovu salwa impi noMpande, impi eyaduma kakhulu ngokuthi impi yaseMaqongqo lapho iSilo sahlulwa khona. Ngalesisikhathi sempi bamkhoselisa khona uNyawo kwaze kwaba ukudlula kwakhe emhlabeni egudluzwa yibambabukhosi okwabe kunguSilevana kaDlambula wakwaNyawo.

Izibongo zakwaXimba, Mlaba noShange zaphuma kuNyawo. Isizathu sokuthi zihlukane kangaka lezizibongo, kusolakala ukuthi ngemuva kokukhothama kukaNyawo, umndeni waxabana wase uba noqhekeko. UXimba noShange bahamba baliduba ikhaya balibhekisa kude neningizimu yezwe. Bafika lapho base bazinza khona bakha. Abanye balibhekisa eMampondweni lapho babizwa ngokuthi bangoNyawose. Ngenxa yalengxabano eyaba khona kulomndeni, base bethi ubuhlobo abukho baqala baganiselana uXimba noShange.

Labantu bakwaNyawo baba nenhlanhla yokungahlaselwa iLembe njengezinye izizwe ngenxa yokuba abantu bokuthula. Kwathi kodwa lapho uSambane kaNhlongaluvalo esebusa, bahlaselwa yinkosi uLubelo kaZondiwe wakwaMngomezulu belwela eSovane. Impi kaLubelo eyayiholwa nguMashumi yalwa yaze yagoba uphondo. Ubeke wahlasela kaningana uLubelo ngoba uhlasele noMtshelekwana kaGamula wakwaMathenjwa wamjaha wawela umfula uLuthuthu lapho okuhlukana khona izwe laKwaZulu nelaseSwazini.

Inkosi uSambane kwakungumngani omkhulu weNkosi uMtshelekwana wakwaMathenjwa futhi ingumngani weNkosi uNtini wakwaGumbi. Bathi kwaNyawo kukhona insizwa eyayingazwani nhlobo namanzi igama layo uNjono. Uma bethi ayigeze ikhale ngokuthi isiyogezwa amazolo iye kolala ingazange igeze. Yingakho kwizithakazelo zabo kuthiwa, “ONyawo abagezi bagezwa ngamazolo.” Lenkosi uSambane ibuse isikhathi eside yaze yakhothama.

 

Ref: ulwazi.org

 

Izithakazelo zakwa-Bhengu

Izithakazelo zakwa-Bhengu

Ngcolosi!
Wena wakwaDlabazane,KaNgwane,
KaNephu kaLamula,
Nyawo zigezwa ngamazolo,
Nina enivuka nixubhe ngelala,
Shongololo,
Wathi uyalithinta lahwaqabala,
Ngabe siyakudla sesab’imilenzelenze,
Nyawo zeshongololo kaziphumuli,
Sigampu,
Ngwane, ingwani ngwadi,
Abayibone ngesond’ukuthi iwelile,
Jali,
Nina enilala nomunwe,
Nivuke nikhwif’ilanga,
Mmemezi kaHlangabeza,
Ngcolosi!

Izithakazelo zakwa-Bhengu

Izithakazelo zakwa-Bhengu

Ngcolosi!
Wena wakwaDlabazane,KaNgwane,
KaNephu kaLamula,
Nyawo zigezwa ngamazolo,
Nina enivuka nixubhe ngelala,
Shongololo,
Wathi uyalithinta lahwaqabala,
Ngabe siyakudla sesab’imilenzelenze,
Nyawo zeshongololo kaziphumuli,
Sigampu,
Ngwane, ingwani ngwadi,
Abayibone ngesond’ukuthi iwelile,
Jali,
Nina enilala nomunwe,
Nivuke nikhwif’ilanga,
Mmemezi kaHlangabeza,
Ngcolosi!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: