Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwa-Sibeko

Maziya,
Gembe, Mkhabela,
Mcusi omhlophe izandla nezinyawo,
Wena wenjiki emnyama yasoHlelo,
Wabona ngani ukuthi injiki iwelile?
Wabona ngamanzi ukudungeka,
Wena wekunene wanginika ugaba,
Zaba mbili saphulelana

Maziya
Mcusi
Gembe
Mkhabela
Wena owakhabela amakhosi amaningi
Wena owadla isigungu wangayibikela inkosi
Wabikela uMshengu wakwaShabalala
Wathi izinyawo zenkosi zonakele!
Kanti zoniwe insinde yakwaLidakana
Wena wakwaMshoshoba imfe engadliwa zinyoni
Wena kaMaliwa owaliwa ngabezizwe
Mcusi omhlophe izandla nezinyawo
Wena wenjiki emnyama yasoHlelo
Wabona ngani ukuthi injiki iwelile?
Wabona ngamanzi ukudungeka
Wena weKunene wanginika ugaba
Zaba mbili sephulelana
Wena owawela iMpolonja kabili
Sibeko omuhle nezinyawo zakhe!