πŸ’›

izithakazelo

Tag: ratseane Page 15 of 20

Izithakazelo zakwa Dladla + Audio

Mgabadeli,
Owagabadela izinkundla zwakwaBulawayo,
Gadlela, Dwala,
Mpembe, Mhlophe,
Vezi, Dladla,
Mhlophe, Nyazitha,
Magalel’agoqe njengeshongololo!

(Legal)
Law firm specializing in Commercial, Corporate, Insolvency, Business Rescue and Information, Communications and Technology Law. Based in Johannesburg.

Izithakazelo zakwa Cindi

Mahlaba,
Mashinini!

Admin notes:  Omunye ubhale wathi uzazi kanje:
Cindi,
Mahlaba,
Minyela,
Kud’elihle,
Malamulela,
Masekwane.
Wena owahlaba inkukhu ngosungulo wayibeka emusamo, ibandla ladla lasutha !

Admin notes: Kuyavela ukuthi uMashinini ususiwe kulezi zesibili izithakazelo, ngakho-ke sicela niyidingide lendaba nina bakwaCindi ukuze sithole ukuthi ngabe uMashinini uyangena noma akangeni kwaCindi.
Futhi uma ekhona othi kaziphelele lezi-thakazelo, sicela azifake ngokwenza i-comment ngezansi. Siyabonga.

Words in italics are by the admin of this blog, written to help facilitate a meaningful and comprehensive list of the Cindi Clan Names .

Date : Wednesday, 24 May 2023, 4:32 AM

Izithakazelo zakwa Chiya

  • Chiya
  • Galweni,
  • Wohlanga,
  • Magangath’indlela kuvele udonga!

Some say it like this:

Chiya uGalweni magangada udonga kuvelindlela Sodladla Cwangu cwangu ongadlimntu odlomdlako ngwangwane hlongomagwala nodiza ndala bemkhwahlaza machamankundleni kuvelithokazi maphumedizeni njengenyiki nosilo singadidla singandibhatala Mthwa jojokhala Luqa Nosthoside noba eseyiphi indawo gubudzela!

Izithakazelo zakwa Chamane

  • Chamane,
  • Wosiyane,
  • Nzama,
  • Mashiza,
  • Dingila,Chube,
  • MaChube amahle,
  • Nombhoco, Chube,
  • Gcugcwa,
  • Zukula kaNombhoco,
  • Zukula, nina baseS’Chamaneni,
  • Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
  • Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu,
  • Kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba,
  • Mkhandi wensimbi,
  • Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume
  • gesithembu,
  • Gcugcwa ka-Ncameni,
  • Ncameni ka-Nozaca! ??

Page 15 of 20

Β© 2026