izithakazelo

Tag: sihlu Page 30 of 71

Izithakazelo zakwa Ntuli Clan Praises

Godide,
Mphemba,
Ndlela kaSompisi,
Sothole,
Gudukazi uyiNcwayo,
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand’amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli,
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
Mazimuzimu enidla’abantu,
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
Umagaju njengengwe,
Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
Umanxeba angamanxuluma,
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
Lang’elaphum’endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe,
Lophum’ endlebeni yengwenya,
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu,
Ugodo olumuka namankayiya,
Langa!

Admin notes: a guest has added his version below:
Ezakithi izithakazelo zithi:

“Sompisi,
M’phemba,
M’phemba ngabele abanye bephemba ngezibi!

Ndlela,
Ndlela kaSompisi!
Godide,
Godide kaNdlela!
Mavumengwana!

Izithakazelo Zakwa Mbatha

  • Mbatha, Shandu ka Ndaba
  • Gumbi Lama Gwala
  • Sontshikazi, Mthiya othiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla
  • Ndabezitha!
  • UShandu ubengengakanani,
  • ngoba entendeni yesandl uyenela
  • Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa,
  • Mazalankosi!
  • Mavungama!
  • Mathabathanyawo!
  • Makhabaluthuli!
  • Makhub’anothuli!
  • Nina benyathi emnyama kansele
  • uShandu owalima insimu eyilimela izinyoni
  • Zase zimbonga zathi tjiyo…tjiyo…tjiyo!
  • uBhabha ku Gwaza
  • uNkentenkente olwakhela izintaba zeNhlazatshe
  • Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile
  • bathi, ingabe lolunkentenkente lunkenteza lwenzani,
  • uShandu ongayimbathi ingubo oyimbatha ngokusibekela kwelanga,
  • Wavala ngehhemu emizini yamadoda
  • uShandu omuhle ngamazinyo akhe;
  • uZihlabathi zoLwandle;
  • Ebe emkhulu engangezulu
  • wena ka Magizagiza;
  • Mulamlankunzi zidedele zibulalane;
  • Shandu uyiNkosi eyabonwa nawu Shaka ka Senzangakhona;
  • Yena abathi usi Shaka ka shayeki,
  • Wathi Shandu ka Ndaba uyiNkosi,
  • Futhi uyohlala uyiNkosi;

Lalela ngizihaya kamnandi izithakazelo zakwaMbatha

Abanye bathi:

Mbeje, Mndaba, Mlotsha,

Magwaz’aphindelele njengezulu,

Mavungama!

Wena owavungamela uMvelase evela eNyandeni;

Dladla, Mpembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala…

Mgabadeli gokugabadela inkundla kwa Bulawayo; Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zamadoda;

Wena owaMbatha isikhumba seNyathi uZulu esahambaze!

Wena owaba ngu Ndabezitha! kuqala!

Baze bazama ukuthatha iziBongo zakho ngamaqhinga;

Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;

Manyosi wena owadla intondolo yembuzi yonke wayiqeda ilanga liphuma waze wehlisa ngomhluzi wayo;

NDABEZITHA!!

NDABA KOMKHULU!!

source: thanks to admin of amambatha.wordpress.com – please visit his website for more information

Izithakazelo Zakwa Myeni

Mdolomba

Mzukase,

Mnguni wasenhla

Wena waseNingizimu

Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya, enye ngeyokubuya

Gwebeshomnyama, ophuza amanzi okuhlalelwa

Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane

Mdlomba kaDuma

Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala

Ngwenya kaMalambe

Mzimela

Mziyankatha!

Izithakazelo Zakwa Makhanya

  • Makhanya,
  • Mnguni,
  • Yeyeye,
  • Gumede,
  • Qwabe,
  • Phakathwayo,
  • Khuzwayo,
  • Maphithini,
  • Mpangazitha,
  • Duze kaMnengwa Gcwabaza,
  • Thusi, Lingela,
  • Zukezela, Makhutha,
  • Mfene,
  • Wena owakhanyisa ngothi lomshanelo ngoba ezonda ubumnyama,
  • Wakhanyisa ngothi lomshanelo kwaze kwasa luvutha MAKHANYA!!!!

Page 30 of 71

© 2026