clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Sithole

Izithakazelo Zakwa Sithole

Izithakazelo Zakwa Sithole 😍 Sithole clan names

Jobe !
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshis’ abalondolozi

Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana

Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadl’ omuny’ umqolo
Nina bakaDidiz’ umkhaba
Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe
Lwandl’ oluhambezintabeni
Nina baseQhudeni

Jozana olubomvan’ olundakandakana
Qomond’ olumantinyane
Olubuk’ umuntu lumethembise
Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!

Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhwawozi
Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka
Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.

Ngweny’ edlel’ ohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
Ngokuhamb’uyeSwazini!
Luhuluhulu!

Nyokeni!
Nina baseLangeni!
Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka
Nadlula nawel’ uThukela
Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!

Ziyatholakala izikibha nama-jacket akwa Sithole: Whatsapp: 061 868 5163

Izithakazelo zakwa-Chili

Izithakazelo zakwa-Chili

Lushaba,
Mthuli,
Lushaba lwenkosi,
Ngwenya,
Mgwazi kaQhaqhela,
Mcwashi,
Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,
Bhebheza wena wasezilovini!

Njoko:

Dlomo:

  • Mkhabela,
  • Dinangwe,
  • Bhelesi

Gamede:

  • Magadlela,
  • Mkhohlwa,
  • Mbebe,
  • Mhlungu,
  • Sebenzekhaya

Dlungwana:

  • Nondaba,
  • Gagashe,
  • Zondi,
  • Phithikela,
  • Mathaba,
  • Nyanzela

Mdlalose:

  • Nyanda,
  • Maduna,
  • Dikane

Gaba:

  • Nyawose,
  • Mzoneli

Thabethe:

Doyisa:

  • Khoso,
  • Mzengezi,
  • Mvubu

Donda:

  • Ngonyama,
  • Masinga,
  • Thusini,
  • Manqele,
  • Mzimela,
  • Mnguni

Sithole:

  • Jobe,
  • Mondise,
  • Matshana,
  • Maphitha,
  • Maqoqo,
  • Ngqikazi,
  • Mgidi,
  • Mqolo,
  • Mkhwanazi,
  • Myshibha,
  • Mahamba

Gcabhashe:

  • Mnguni,
  • Mhlathuze,
  • Njonjo,
  • Masimuka

Gule:

  • Malambule,
  • Nselenduna

Page 2 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: