clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Sithole Page 1 of 2

Sithole ¼ clan names. Sithole Surname Meaning 😍 Sithole Origin. Sithole History

Sithole ¼ clan names. Sithole Surname Meaning 😍 Sithole Origin. Sithole History
The meaning, origin and history of the Sithole surname is not listed.

This surname is prevalent in South Africa.

Click to add info about this surname

Izibongo zakwa Sithole

  • Jobe,
  • Mondise,
  • Matshana,
  • Maphitha,
  • Maqoqo,
  • Ngqikazi,
  • Mgidi,
  • Mqolo,
  • Mkhwanazi,
  • Mashibha,
  • Mahamba

Izithakazelo Zakwa Sithole

Izithakazelo Zakwa-Sithole

Jobe !
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshis’ abalondolozi

Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana

Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadl’ omuny’ umqolo
Nina bakaDidiz’ umkhaba
Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe
Lwandl’ oluhambezintabeni
Nina baseQhudeni

Jozana olubomvan’ olundakandakana
Qomond’ olumantinyane
Olubuk’ umuntu lumethembise
Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!

Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhwawozi
Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka
Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.

Ngweny’ edlel’ ohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
Ngokuhamb’uyeSwazini!
Luhuluhulu!

Nyokeni!
Nina baseLangeni!
Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka
Nadlula nawel’ uThukela
Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!

Zikhona izikibha zakwa Sithole: Whatsapp/call: 061 868 5163

Izithakazelo zakwa Nguta

Mbanjwa Gebane Clan Names

Mbajwa

Gebane

Mashiyane

Sithole

Mpethwana

Sithole Surname origin

Imvelaphi yesibongo sakwaSithole

Siyabonga kuMzomuhle Sithole ngomlando wakwa Sithole

Isibongo sakwaSithole sasingekho ekuqaleni. Lapha kwaSithole endaweni yaseQhudeni entatshaneni iMbilana kade kubonaka ibhungu elide liphuma emgedeni osabekayo okulentatshana iMbilana.

Izibongo ezazigqamile kulendawo ngalesosikhathi esakwaMbeje nesakwaMbatha. Abantu bakulendawo baphetha ngokumbamba bamkhipha emgedeni bamganisela ngentombi bagcine bakhe umuzi wabo.

Abantu bakulendawo bamupha igama bathi nguSithole ngoba etholwe ngokuthonywa ngesithubi sesithole senkomo. Ngenxa yokuthi wayengenasibongo, base bemetha ngesibongo sakwaSithole ngoba kunabantu abase bekhosele ngaphansi kwakhe ukuze bavikeleke ezimpini nasendlaleni.

Kwase kuthiwa babonga uSithole nokuba bayaphila nobuholi bakhe uSithole obabonakala bukhaliphile base bemgcoba bemenza inkosi. Kusukela ngalelolanga bakheka ubukhosi bakwaSithole.

  • USithole wazala uMazizikazi
  • UMazizikazi wazala uMthembu.
  • UMthembu wazala uGabela.
  • UGabela wazala uNgqikazi.
  • UNgqikazi wazala uMnyanda
  • UMnyandu wazala Nzece
  • UNzece wazala uMaphaitha.
  • UMaphitha wazala amawewele…oJobe noMmpongo.(Kunkosikazi oyikhohlo) ..wazala nenkosana uMbulungeni(‘kundlunkulu)
  • UJobe wazala uMondise(eQhudeni)
  • UMondise wazala uMatshana.
  • UMatshana wazala uManzekhofi
  • UManzekhofi wazala uZwelibanzi
  • UZwelibanzi wazala uKhumbulani(obusayo manje)

IZITHAKAZELO ZAKWASITHOLE:

Jobe!Mondise!

Phumela phandle ngoba kufudumele

Ungaze ube nomgandeni

Matshana!

Mhlakaza nhlansi zingamshisi

Ziyoshis’abalondolozi

Maphitha!Mthembu waseGubazi

AbaThembu bengabakwaMvelase

Ngqikazi kaGabela

Zitsha zimnyama

Zingamankankazana

Nyama kaMaqoqo

Abayidla beyidonsisana

Nina bakaMgidi wekhohlwa

Nina bakaThakazelwayo

Nina bakaMqoloOwadl’omuny’umqolo

Nina bakaDidiz’umkhaba

Mkhomb’owadl’eminy’imikhombe

Lwandl’oluhamb’ezintabeni

Nina baseQhudeni

Jozana olubomvan’elindakandakana

Qomond’olumantinyane

Olubuk’umuntu lumethembise

Sengathi luzomakhel’umuzi

Kanti phinde!

Nina bethole intshwabadeyane

Mthiyane Sonomo

Nina bakwaMkhawuzi

Owakhawuz’amadod’akhawuleka

Nkomankoman’ekhawuz’abalondolozi

Nina bakwaNyawo zimthende zimthendelezi

Ngweny’edlel’ohawini

Nina baseNyongweni

Chakijana kaGezinda kaSuka bekhuluma!

Bhande kaMtshiba

Mahamba!

Ngokuhamb’uy’eSwazini

Luhuluhulu!

Nyokeni!

Nina baseLenge!

Nin’enabulal’abathakathi njengoShaka

Nadlula nawel’uThukela

Nina bakwaMgcwayiza oyinsimbi

Ongahlulwa yint’engakhulumi.

Izithakazelo Zakwa Sithole

Izithakazelo Zakwa-Sithole

  • Jobe !
  • Mondisa!
  • Phumela phandle ngoba kufudumele
  • Matshana!
  • Mhlakaza nhlansi zingamshisi
  • Ziyoshis’ abalondolozi
  • Maphitha!
  • Mthembu waseGubazi
  • AbaThembu bengabakwaMvelase
  • Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
  • Nyama kaMaqoqo
  • Abayidla beyidonsisana
  • Nina bakaMgidi wekhohlwa
  • Nina bakaThakazelwayo
  • Nina bakaMqolo
  • Owadl’ omuny’ umqolo
  • Nina bakaDidiz’ umkhaba
  • Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe
  • Lwandl’ oluhambezintabeni
  • Nina baseQhudeni
  • Jozana olubomvan’ olundakandakana
  • Qomond’ olumantinyane
  • Olubuk’ umuntu lumethembise
  • Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!
  • Nina bethole intshwabadeyane
  • Mthiyane Sonomo
  • Nina bakaMkhwawozi
  • Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka
  • Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi
  • Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.
  • Ngweny’ edlel’ ohawini
  • Nina baseNyongweni
  • Chakijana kaGezindaka
  • Suka bekhuluma!
  • Bhande kaMtshiba
  • Mahamba!
  • Ngokuhamb’uyeSwazini!
  • Luhuluhulu!
  • Nyokeni!
  • Nina baseLangeni!
  • Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka
  • Nadlula nawel’ uThukela
  • Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!

Izithakazelo zakwaSithole

Sithole Clan Names

Clan Names : Sithole

Jobe !

Mondisa!

Phumela phandle ngoba kufudumele

Matshana!

Mhlakaza nhlansi zingamshisi

Ziyoshis’ abalondolozi

Maphitha!

Mthembu waseGubazi

AbaThembu bengabakwaMvelase

Ngqikazi zimnyama zingamankankazana

Nyama kaMaqoqo

Abayidla beyidonsisana

Nina bakaMgidi wekhohlwa

Nina bakaThakazelwayo

Nina bakaMqolo

Owadl’ omuny’ umqolo

Nina bakaDidiz’ umkhaba

Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe

Lwandl’ oluhambezintabeni

Nina baseQhudeni

Jozana olubomvan’ olundakandakana

Qomond’ olumantinyane

Olubuk’ umuntu lumethembise

Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!

Nina bethole intshwabadeyane

Mthiyane Sonomo

Nina bakaMkhwawozi

Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka

Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi

Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.

Ngweny’ edlel’ ohawini

Nina baseNyongweni

Chakijana kaGezindaka

Suka bekhuluma!

Bhande kaMtshiba

Mahamba!

Ngokuhamb’uyeSwazini!

Luhuluhulu!

Nyokeni!

Nina baseLangeni!

Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka

Nadlula nawel’ uThukela

Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!

Kayikho impunga yehlathi 😍 incazelo

Kayikho impunga yehlathi

kusho ukuth ngisho noma ungahlale uphumelela ezenzwen zakho ezimbi kodwa ngelinye ilanga uyotholakala

impunga umuntu osemdala

#ihlathi lana kukhulunywa ngezenzo ezimbi(zobumnyama), ukuth akekho umuntu ongenza izinto ezimbi aze abe mdala ngelinye ilanga uzoshintsha

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: