Uqedile ungethole
Lesi simo sokukhuluma sisebenza uma ngabe umuntu esekhulume yonke into okumele ikhulunywe.
Kusukela etholeni uma lincela, uma luluthole kahle ubisi ngisho usungeza uthi uzosenga ngeke usathola lutho lisuke seliqede lonke ubisi.
Uqedile ungethole
Lesi simo sokukhuluma sisebenza uma ngabe umuntu esekhulume yonke into okumele ikhulunywe.
Kusukela etholeni uma lincela, uma luluthole kahle ubisi ngisho usungeza uthi uzosenga ngeke usathola lutho lisuke seliqede lonke ubisi.
Imvelaphi nobuhlobo phakathi kukaBiyela noNtshangase:
Abantu bakwaNtshangase kanye nabakwaBiyela bavela emzini wenkosi uNdaba indodana kaMageba kaZulu kaMalandela. UNdaba wayenemizi yakhe, kodwa ngemibili engizoyibalula lapha. Owokuqala kuseMqekwini. Lona kwakuyiwona muzi omkhulu. Yilapho kwavela khona inkosi uJama nabafowabo oNkwelo noMhana ababebalulekile embusweni wakhe uJama.
Umuzi wesibili kwakuseGazini. Ukuze kuthiwe kuseGazini kulo muzi yingoba yiwona muzi okwakuthi uma kunemicimbi yakomkhulu kuhlatshwe khona. Ngakho kwakungumuzi obaluleke kakhulu esizweni senkosi uNdaba. Lapha eMqekwini kwakukhona uShwankeni umfowabo kaXhoko kanye noMgutshwa nabanye.
Kwavela esikhulu isigemegeme ngesikhathi abantwana baseMqekwini sebefuna ukuganwa ngabantwana baseGazini. Abakuthandanga abaseGazini lokhu ngoba bethi laba ngabafowabo.
UXhoko kanye nabanye abafowabo bazama ukuba babiyele umuzi wabo ukuze kungenzeki lokhu abangakufuni. Base bebhinqwa kuthiwa babiyela umuzi, base bethola isibongo sokuthi ngabakwaBiyela. Kwathi uShwankeni yena wathola esakwaNtshangase, ngoba kuthiwa bantshingiwe.
Kunamaqhawe abalulekile kwaNtshangase afana noMdlaka owayeyinduna kaShaka kanye noMasiphula owayeyinduna kaMpande.
Mhayise, uNgwanya, uSiyendana, uCebisa!
Ntshangase, Menziwa,
Njezi ka Xhoko!
Ndabezitha!
Mvundlane wasoKhabeni,
Mbeng’osinda abosi,
Mgazi!
Ntshangase:
Mthiyane:
Zuma:
Zwane:
Maseko:
Msomi:
Mlambo:
Mazibuko:
Get yours! Price: R300 each ……Whatsapp me now, tap here
https://wa.me/message/Z7SY62F3M4F6N1



Powered by WordPress & Theme by Anders Norén