Ngwe,
Mlambo, Mlambo ongawelwa owelwa zinkonjane zona zibhabha phezulu,
Mazibuko,
Mbinga,
Mwelase, Mwelase ongaweli ngazibuko,
Lusiba,
Khakhaza,
Bhinita,
Mfazi omabele made owanyisisela umntwana engaphesheya komfula,
AmaNgwekazi amhlanu banzana,
Wokubeletha amakhosi ngoba ebeletha uBhungane,
S’gubudu, isgubudu esingafakwa mkhala singa fakwa umkhala singawudabula,
Mahlubi akusavalwa ngemivalo, sekuvalwa ngamakhanda amadoda,
Nonkosi, kwaboNomqathi kaQathi,
Mangwe avela kude lee, ngaphesheya koMzinyathi!
Tag: tilak Page 2 of 4
Thabizolo,
Nonkosi,
Muthwa,
Nkomo eluthuli,
Pembe kaLokothwayo,
Sengama ka Jozi,
Nodwala lakwa Nodumakazi,
Abathwa abamzimb’omuhle njengo wosana ongathi ngingawanga, Abasikhumb’ esibushelelezi,
Abaziqunjana zimbili esinye singenhla esinye singenzansi kwendlela, Abafunga uNonkosi ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga,
Abazi nzipho zimnyama ngokuqhwebana,
Sishange sika Mlotshwa,
uSongo akamnci okamcinizana,
Iyanini MaHlubi nihlabeni ngezindlela zonke niyobikela abase Masimangweni ukuthi ubhedu lwaphukile…
>> Continue reading <<
Izithakazelo zakwa Msimango / Msimanga
Thabizolo,
Nonkosi,
Muthwa,
Nkomo eluthuli,
Pembe kaLokothwayo,
Sengama ka Jozi,
Nodwala lakwa Nodumakazi,
Abathwa abamzimb’omuhle njengo wosana ongathi ngingawanga, Abasikhumb’ esibushelelezi,
Abaziqunjana zimbili esinye singenhla esinye singenzansi kwendlela, Abafunga uNonkosi ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga,
Abazi nzipho zimnyama ngokuqhwebana,
Sishange sika Mlotshwa,
uSongo akamnci okamcinizana,
Iyanini MaHlubi nihlabeni ngezindlela zonke niyobikela abase Masimangweni ukuthi ubhedu lwaphukile,
Amazala nkosi ngokuzala uBhungane,
uMdidwa zindlubu ezamila eMthondweni,
uShwamisa ukhukho lomhlanganiso olwahlanganisa indlu yakwa Dlomo, Dlomo dludlu kwabendlwana,
Wena kaSengama owangamela imizi yaba Fokazane ngeJozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo/ngomcacambane, Nina enama ngensimu yase MaNtshalini yaphenduka imfaba,
Amadlela phezulu ngenxa yokusaba amanyala, uGembe uNkonka weFusi, Mathanjeni !!! πππ
oMsimango bangamangali uma ezinye zezithopho zabo zingekho. Phela kukhona izithakazelo bese kuba khona nezithopho ezingabathiti bonke. eg njengo kuthi nje: Oooh! Sengama..! kukhona abanye abangamsebenzisi nhlobo kodwa uzwe bethi Mathanjeni, Gembe. Isithopho yilapho khona usuqondanisa nendlu aphuma kuyona noma kukhona kukhokho wakhe lowo muntu kodwa izithakazelo zihlanganisa bonke labo bantu baleso sibongo.