πŸ’›

izithakazelo

Tag: trezona Page 2 of 3

Izithakazelo zakwa Khwela Clan Names

AbakwaKhwela bazithakazela kanje:

Khwela, Nduli, Mgabhazi,
Scubu kasosiwa siphekwa ngebhiz’enkulu kamahhumela.
Insundu zabaseNgcingcimane abadli’nyama ongayitholanga akhalele emsobweni.
Thole lenhlunu kay’gezwa way’geza yoy’hlawula ngamaduna nethokazi !!
hah sukanini yeka, inkosi kay’qedwa !

Izithakazelo zakwa Chamane Clan Names

Chamane,
Chube,
Dingila,
Nobhonco,
Nyanisa,
Ngipha,
Nduli,
Nzama,
Gcugcwa bakulingene bangangentende yesandla,
Zukula!

Izithakazelo zakwa Nduli Clan Names

NDULIKhwela, Mgabhazi, Scubu kasosiwa siyaphekwa ngembiza enkulu umahhumeka, wasipheka uyosihlawula ngamaduna namathokazi.

Nhlunu kayigezwa wayigeza uyoyihlawula. AmaNduli amahle enda ngonyezi

Ukushiselwa

Kuthiwa umuntu wesifazane akasho ukuthi uyashiselwa kufanele athi uzwela ukushisa.

mawuthi uyashiselwa kusho ukuthi ufuna indoda la.

noma igazi likuthuma elawini…kodwa ezikhathin zamanje umuntu usezikhulumela inoma ikanjan nje.

Page 2 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén