clan names 👑 history

izithakazelo

Tag: Umlando Page 1 of 9

Umlando izithakazelo Ntombela

Ntombela oMahlobo clan names & History

Mahlobo,
Mpangazitha,
Nin’ enipheka ngembiz’ ende,
Isibong’ esibi esingabizwa ngabalandakazi,
Sisindi somtshiki,
Nin’ enishay’ impukane ngesibhakela niyinqamul’ amathumbu,
Nina bakwaMalandela,
Nin’ enizal’ uZulu,
Nina bakwaDambuza,
Nina bakwaLuswazi,
Dlukula,
Nzuza,
Sishosho sikaPhunga noMageba!!

Umlando wabakwaNtombela

Abantu bakwaNtombela baphuma kuNtombela ongumnewabo kaMalandela bezalwa nguLuzumane kaMnguni. ULuzumane ubenamadodana amaningi kuwo kubalwa, uMcineka, uMchunu, uKhanyile, uMahaye nabanye abaningi. UNtombela ubekhonze umnewabo uMalandela ngoba nasemuva kokukhothama kukaMalandela nguNtombela obambele indodana yomfowabo. Leyo ndodana bekunguQwabe yena yedwa uQwabe wodumo emlandweni wakwaZulu. Ibilanywa nguZulu.

UMalandela ukhothame besebancane oQwabe noZulu. Bebezalwa ngundlunkulu kaMalandela uNozidiya wakwaZungu. UNtombela uzalwa uLuzumane kaMnguni wesibili, kaGumede kaQwabe wokuqala, kaYeye kaMnguni wokuqala kaLufenilwenja kaNtu.

Umuzi kaMalandela oDwini wawakhe eMandawe eMlalazi ngaseShowe, wabuye wayokwakha oNgoye. Nalapho ubehamba nomnawakhe uNtombela. Babuyile bezozinza eBabanango lapho uMalandela ekhothamele khona. UNtombela ubenamadodana amaningi, uMdlani, uMpangazitha, uMahlobo, noNtanzi. UMdlani uzale uDlomo ozale uDlukula yena wazala uZwana, uSobandli noThayiza. UZwana uzale uZiningo, uLukhwazi, uMagedla noMniza. Uziningo uzale uFaku obuse emuva kwakhe. Kungathi ke uFaku wayenokuganga ngoba ubengenqeni ukubiza noma wubani ambhucunge uma egeza ngoba ngelinye ilanga ubize enye yamakhosi akwaNgobese ukuba imbhucunge wagcina eseyisikele izwe.

UFaku kaZiningo umuzi kayise ubuseGezahlale eNkandla. Yonke leya ndawo uyisikelwe yiSilo saKwaDukuza iLembe, libazisa abaKwaNtombela ngoba lazi ukuthi ngabakwabo.

Nangempi yaseSandlwana uFaku wayekanise ngakhona waze wabhila ngentelezi amabutho ayelibhekise eSandlwana. Emuva kwaleyompi uFaku ube ngomunye wamakhosi abekwe ngabamhlophe. Lobo bukhosi bakwaGezahlale obubuye baziwe ngobakwaMpukunyoni bulahleke sekufanele kubuse uLubhudlungu kaFaku, kwasuka isiphithiphithi sempi yamakhanda.

Ngaleso sikhathi uFaku ubephila. ISilo sasoSuthu sithumele kuFaku ukuba angayingeni leyompi okuthe izinduna zeNkosi uFaku zahlohla uLubhudlungu zihlangene nenduna uNkanyamba kaJubane ukuba ayiphake.

Izithakazelo & Umlando wakwaSetuntsa/Sethuntsa

Ukuzalana kwamaKhosi akwaSetuntsa kusukela phezulu kaDlamini kuze kufinyelele ezansi

Dlamini,
Sibalukhulu,
Khuze,
Zizi,
Ngubonhle,
Langa,
Zizi ll,
Nsele,
Thibela,
Khanyane,
Mokoane,
Moorosi,
Qacha,
Setuntsa!

Umlando wakwa Jubane History

Jubane history

Abakwa Jubane bangamaNtungwa-Nguni zingaphezulu kwama 95 izibongo eziphuma kwa Khumalo lapha sizobheka ukulamana kwabantu bakhona,Umbulazi wazala u Mntungwa yena owazala u Khumalo owazala u Mkhatshwa no Mangethe. U Mkhatshwa wazala u zikode owazala u Gasa wazala,U Mashobane no Magawozi (Dlomo).
UGasa wazala u Magugu, u Donda, no Siwela, u Siwela wazala u Mbophe No Mphazima owabe eyinyanga ye Zulu, ku Mphazima yilapho okuphuma khona abantu bakwa Nkosi ababizwa ngo Ndlangamandla, U Donda wazala u Maqandela yena owazala U Majubane no Dakwa, U Mzondeni wazala U Phefeni no Nkwelo, U Phefeni wazala U Nqabayembube, U Nkwelo wazala U Mshikane, U Majubane wazala U Mbuzi no Ndweshe ,U Dakwa wazala U Mhlathi no Mamba,owazala U Jubane no Mzazela nabanye.U Mzila wazala U Majana Amanye amagama ashintsha aba izibongo.

Izithakazelo zakwa Mkhulisi clan names. Umlando

Izithakazelo zakwaMkhulisi

Mkhulisi, Mthembu, Mvelase owavel’enyandeni yemikhonto yakoMabaso, Mvelase kaNgoza ongawadl’amathibane angadl’amathibane ngabe indlala iwile, Qhudeni, Mnisi wemvula ilanga libalele….

Izithakazelo Umlando wakwa Nondabula

Nondabulo surname clan praises and history:

Njilo, Nondabula, Mbali, Dunywa kaNontshuntsha, Msuthu ka Ntamonde, Xolo, Thusi, Danca, Fayisa, Belisa, Bencinda, Noncinga, Zigay’inkoduso, Sendel’imngqosha elahlula amadoda elithwala likhwishilika, Nobhala ngoZipho abanye bebhala ngepensela, Mshalala, Mzikiza, Mzwelanga, Malandela oLandelwa yimisebe yeLanga, Malandelwa yiNtokazi, Mfazobelelinye phesheya koMlanjana!

Page 1 of 9

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: