Ntombela oMahlobo clan names & History
Mahlobo,
Mpangazitha,
Nin’ enipheka ngembiz’ ende,
Isibong’ esibi esingabizwa ngabalandakazi,
Sisindi somtshiki,
Nin’ enishay’ impukane ngesibhakela niyinqamul’ amathumbu,
Nina bakwaMalandela,
Nin’ enizal’ uZulu,
Nina bakwaDambuza,
Nina bakwaLuswazi,
Dlukula,
Nzuza,
Sishosho sikaPhunga noMageba!!
Umlando wabakwaNtombela
Abantu bakwaNtombela baphuma kuNtombela ongumnewabo kaMalandela bezalwa nguLuzumane kaMnguni. ULuzumane ubenamadodana amaningi kuwo kubalwa, uMcineka, uMchunu, uKhanyile, uMahaye nabanye abaningi. UNtombela ubekhonze umnewabo uMalandela ngoba nasemuva kokukhothama kukaMalandela nguNtombela obambele indodana yomfowabo. Leyo ndodana bekunguQwabe yena yedwa uQwabe wodumo emlandweni wakwaZulu. Ibilanywa nguZulu.
UMalandela ukhothame besebancane oQwabe noZulu. Bebezalwa ngundlunkulu kaMalandela uNozidiya wakwaZungu. UNtombela uzalwa uLuzumane kaMnguni wesibili, kaGumede kaQwabe wokuqala, kaYeye kaMnguni wokuqala kaLufenilwenja kaNtu.
Umuzi kaMalandela oDwini wawakhe eMandawe eMlalazi ngaseShowe, wabuye wayokwakha oNgoye. Nalapho ubehamba nomnawakhe uNtombela. Babuyile bezozinza eBabanango lapho uMalandela ekhothamele khona. UNtombela ubenamadodana amaningi, uMdlani, uMpangazitha, uMahlobo, noNtanzi. UMdlani uzale uDlomo ozale uDlukula yena wazala uZwana, uSobandli noThayiza. UZwana uzale uZiningo, uLukhwazi, uMagedla noMniza. Uziningo uzale uFaku obuse emuva kwakhe. Kungathi ke uFaku wayenokuganga ngoba ubengenqeni ukubiza noma wubani ambhucunge uma egeza ngoba ngelinye ilanga ubize enye yamakhosi akwaNgobese ukuba imbhucunge wagcina eseyisikele izwe.
UFaku kaZiningo umuzi kayise ubuseGezahlale eNkandla. Yonke leya ndawo uyisikelwe yiSilo saKwaDukuza iLembe, libazisa abaKwaNtombela ngoba lazi ukuthi ngabakwabo.
Nangempi yaseSandlwana uFaku wayekanise ngakhona waze wabhila ngentelezi amabutho ayelibhekise eSandlwana. Emuva kwaleyompi uFaku ube ngomunye wamakhosi abekwe ngabamhlophe. Lobo bukhosi bakwaGezahlale obubuye baziwe ngobakwaMpukunyoni bulahleke sekufanele kubuse uLubhudlungu kaFaku, kwasuka isiphithiphithi sempi yamakhanda.
Ngaleso sikhathi uFaku ubephila. ISilo sasoSuthu sithumele kuFaku ukuba angayingeni leyompi okuthe izinduna zeNkosi uFaku zahlohla uLubhudlungu zihlangene nenduna uNkanyamba kaJubane ukuba ayiphake.