clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Umlando

Hlubi 😍 uSiyayo kaXhongo

UHLUBI NENKOSI USIHAYO KAXHONGO…

Ngaphambi kwempi yaseSandlwana. AmaNgisi, ahlasela iNkosi uSihayo kaXhongo Ngobese, eBatshe Valley. Kule ndawo iNkosi uSihayo kaXhongo, yayibekwe yiNkosi uMpande kaSenzangakhona kaJama Zulu. Kodwa empeleni, yayinikezwe umfowabo weNkosi uSihayo, uMfokazana kaXhongo Ngobese. Enikwa yiNgonyama uShaka kaSenzangakhona.

Yase isigcina isisezandleni zeNkosi uSihayo. AbeLungu bahlasela emaQungebeni, bashisa umuzi weNkosi uSihayo kwaSokhexe. Bethi uZulu, uzotatazela ahlome ahlasele. Kusengamalungiselelo empi yaseSandlwana. Kwathi engahlulwa amaNgisi eSandlwana, kwalandlea izimpi ezaholela ekunqotshweni kukaZulu. INkosi uSihayo nendodana uMehlokazulu kaSihayo baboshwa.

UMehlokazulu waboshwa e-Pietermaritzburg ngo-October 1879, iNkosi uSihayo yaboshwa e-Ford Cambridge. Kwathi ingabuyiswa eBatshe, kwase kubekwe iNkosi uHlubi kaMotha Molefe, wakha umuzi wakhe ngasemzini weNkosi uSihayo. Ngalokhu abeLungu babehlose ukuyisusa endaweni evundile iNkosi. INkosi uSihayo yagcina isixoshwa yiNkosi yakwaMolefe, yayobekwa eQhudeni. INkosi uHlubi yabasusa futhi yabasa oPhoko, lapho abazinza khona. Kwathi kuhlasela uMntwana uZibhebhu oNdini, kwashona amaqhawe amaningi okubalwa kuwo, oMnqandi kaMtshana Sibisi, Nobiya kaSotobe, nayo iNkosi uSihayo yasala khona oNdini…Nina Ngqongqo yemikhonto ibanga izililo. INhlendla yeThusi kaMjokwane!

Nkwelo Major Zulu

Mpontshane Clan -Imvelaphi ngesibongo sakwaMpontshane

Imvelaphi ngesibongo sakwaMpontshane – emandulo kwakunenkolelo yokuthi uma inkosi esuka ibusa ngalesosikhathi iba nenyanga yayo noma futhi uma ikhothama nenyanga yayo leyo iya kwagoqanyawo, ngoba yayivamise ukuba uhlupho emphakathini ngoba yayingumuntu osondelene kakhulu nenkosi,yayazi izitha zenkosi kanye nezinyathelo ezizothathwa inkosi. ngakho-ke inkosi uShaka yiyo nenyanga yayo eyayibizwa ngo Jeqe Buthelezi.

UJeqe Buthelezi wayesondelene kakhulu noZulu. Emveni kokudlula kwenkosi uShaka emhlabeni, inkosi eyalandela lapho uDingane,wahlela ukwakha utulo lokuyisa uJeqe kwagoqanyawo, Nokho elingaphumelelanga ngenxa yokufadalala kwamacebo kaDingane. Ngenkathi uJeqe esezwile ukuthi inkosi ikhothamile wabutha okungamasakana akhe ebusuku wathi nyawo zami ngibelethe, ngoba wayazi ukuthi uma epholisa amaseko bazomvimbezela bangene ngendluvu iyangena emzini kaShaka.

Hhayi-ke wakhala wemuka umfoka Shenge enqamula amahlathi namahlathikazi,imifula nemifudlana. Waze wafika kamhlaba uyalingana, ngapha emuva uDingane wafika namabutho akhe elawini lika Jeqe itshe selome inhlama. Uma efika kamhlaba uyalingana azithele phezu kwamadoda endowo, embuze athi “wahamba umpontsha, ufohla lapha emahlathini nje mfokazana ulibamgisephi?”

Wabe esebazekela lonke udaba olwalumumpontshisa ezikhaleni nasemahlathini. Lamadoda endawo amzwela amnika indawo yokulala, badingida udaba lwakhe olwalusezithebeni base bephuma nesu lokumfihla.

“Lalela lapha-ke mfoka Shenge, ngoba usuzibikile, thina dingabantu abalungile ngakho ke sithe uma sibhunga ngodaba lwakho sabona ukuthi uzoba usizo emphakathini wethu njengoba unomlando omuhle wokuba inyanga yenkosi yethu uShaka” kusho indoda.

“Njengoba bengandile abantu bakwaButhelezi kulendawo sibona kungakuhle ukuthi ushintshe isibongo ozibiza ngaso okweskhashana kuze kudlule ukuthungathwa kwakho, njengoba wazi nawe mfoka Shenge ukuthi izibongo ziqanjwa ngenxa yezenzo Zomuntu nawe sibone kungaba isu elingcono lokuthi sikubize ngoMpontshane ngenxa yokuthi ubuhamba uMpontshampontsha izwe lonke leli”

Bavumelana ngalokho-ke. 

Nyakeni mumbe agule uDingane bazihambe zonke izinyanga kodwa lutho ukuthola usizo, umuntu thizeni ayalele uDingane ngenyanga ezwe kuthiwa ilapha kwasani etholakala kwamhlaba uyalingana. Babophe imthwalo yabo balibhekise Kwamhlaba uyalingana. Bafike kuJeqe Buthelezi owayesezishintshile waba uJeqe Mpontshane, ifike imlaphe inyanga,babonge bangcongcoze,bamxoshise ngezinkomo nangezimbuzi,babone abeze ngayo.

Esamangele uDingane,esazibuza eziphendula kubuye engqondweni yakhe ukuthi akekho umuntu ongakwazi ukumlapha kulokhukugula okwakumphethe ngaphandle komuntu onolwazi lokuthi inkosi ilashwa kanjani………washintsha uZulu wabamnyama ngathi ukhuza izulu,wadinwa wagana unwabu uma sekumcacele ukuthi bebemenza isilima ngokumfihlela umuntu obekufanele ukuthi amyise kwagoqanyawo ngokwesiko. UDingane wabophela ibutho lakhe, waliyala ukuba liyothungatha uJeqe Buthelezi lo osezibiza ngo Jeqe Mpontshane.

Uma ezwa uJeqe ukuthi ufunwa ngapha nangapha abaleke aye eSwazini ( yingakho nanamuhla uthola oMpontshane abangamaSwati abavela eSwatini, ngoba umfokaShenge wafike wakhonza enkosini yabeSwati ngesibongo sakwaMpontshane ukuze inkosi ingeke ifunde incwadi ibhaliwe ngoba weyengabe uzibophile uma ezidalula ngoba wawusuhlatshiwe umkhosi wokuthi uyafunwa ezweni lonkana, wafike wazakhela igama elihle nakhona eSwazini,waba nabafazi nezingane ,kwaba ukwanda koMpontshane eSwazini) amabutho kaDingane aphindela emuva elambatha. Lokho kwamthena amandla nothando uDingane lokufuna umuntu ongatholwa ophila ngokuMpontsha imihla ngemihla.

Emveni kokukhothama kwenkosi uDingane, uJeqe wakhetha ukulishiya elaseSwazini ngoba bathi ayikho indawo emnandi njengekhaya. Wayenamakhosana namakhosazana ayewashiye emuva esingasho ukuthi wayesewakhumbule kakhulu,Kwazise nenkosi eyayimhlupha yayingasekho,wayesenombuso owawumlindile KwaZulu okungukudla izinyoni zabazukulu bakhe.

uma kulandelwa umlando kuyatholakala ukuthi uJeqe wayengumfowabokhokho abazala isizukulwane esizale inkosi yakwaButhelezi ebusayo njengamanje Inkosi uMangosuthu Buthelezi.

Imvelaphi yakwaBhengu 😍 Bhengu surname origin

AbakwaBhengu 😍 Ngcolosi

UMUNTU wokuqala ongukhokho wabantu bakwaNgcolosi nguSongololo. Yena wazala uLusibalukhulu, uLusibalukhulu wazala uDlabazana ozala uBhengu.

Kokhokho babantu bakwaNgcolosi igama likaBhengu laduma kakhulu laze lagcina seliyisibongo kuze kube namuhla. Esend*ni likaBhengu kwavela uNgwabini, uNgwabini uzala uLamula. Nazi izihasho zakhe uma egiya: uLamula bonyanga! Kuyophel’ amabele sidl’inyama.

NabakwaJali bangabakhona kwaNgcolosi. Maningi amaqhawe avela kubo aziwa ngokuthi angawakwaNgcolosi njengoBheje kaJali: uMayikhipha! uMayikha kuzond’ umkhwekazi, Ath’ umntanami kendele ndawo, Wendele esigcwelegcweleni.

Iqhawe lesibili lakwaJali kwaNgcolosi nalo elahlabana ezimpini laze lanikezwa izibongo ezasala ziyisibuko sezinto elalizenza nguSikhewu kaJali wakwaNgcolosi: uVuthuvathu! uMvub’ uyaphukutha [kutekezwa ukubhukuda]! uMathanga dabul’ isiziba; uMathendele kabuyi laph’ eyekhona.

Iqhawe lesithathu kulo mkhakha wabakwaJali bakwaNgcolosi nguGwadlela. Naye wavelela esizweni sakwaNgcolosi ngobuqhawe bakhe waze wathola lezi zibongo: uSidunga manzan’ abawesabayo; uMklaklaza njengezulu. uSogweb’ onjengomuny’ uSogweba. OnjengowakwaJobe. Impukane ezibindibindi; uMagwaz’ ephindela njengezulu.

Ngakho-ke abakwaBhengu nabakwaLamula kabaganani. Esendeni likaLamula kuvele uNgwane: “uNgwane-Ngwathi. Abayibonileyo, Bayibone ngasondo ukuthi iwele; Ningayiphungi ngezandla, Ningayiphungi ngezandla, Niyawube niyibangile; Ngob’uNgwan’udl’umuntu, Ebende ngentaba, Ethi yikhon ‘intab ‘izomlamulela.

UNgwane wazala uMepho. Nguyena owayebusa isizwe sakwaNgcolosi ngenkathi iNgonyama uShaka ihlanganisa izizwe zamaZulu ukuba zibe yimbumba eyokwazi ukubhekana nezitha zayo. uMepho wahlakanipha ngokungathathi izikhali enqabe ukuzimbandakanya nezizwe ezazihlanganiswa. Ngakho-ke ISizwe sakwaNgcolosi asizange sihlaselwe ngobuhlakani bakhe: uMdlung’odl’ abantu. Iphephede elingezwa ludaba, Elizw’ udaba ngoba lishunyayeziwe. Inkos’ ephos ‘ukulibala, Kwaze kwacishe kwabus’abezindlwana.

Inzalo kaMepho kaNgwane

UMepho wazala uNkungu noFaku. UNkungu kaMepho umuzi wakhe omkhulu kwakuseSinyameni lapho azala khona indlalifa yakhe uNdlokolo. Waphinde wazala kwenye indlu uHlangabeza unina owalotsholwa ngezinkomo zakwabo Faku umfowabo. Lokhu kwenziwa ngukuthi kwakuthi uma uNkungu efikile kwabo kaFaku alale elawini.

Lowo mfazi ayelala naye lapho elawini wazala uHlangabeza elotsholwe ngezinkomo zakwabo Faku. UNkungu wabulawa ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uDingane ngoba wayesolwa ngokuthi uyozimbandakanya namaBhunu ayezinze ngaseMlaza.

Akazange afele eManzalathi igama lomfula esizweni sawaNgcolosi kwaNtunjambili okungamanxiwa okudabuka esizwe sakwaNgcolosi, nokulapho wonke amathuna amakhosi esizwe ekhona. Yithuna likaNkungu kuphela eliseMkhumbane lapho abulawelwa khona.

uBiliza! uBiliza ubeza nazo izibongo, Zinhl’ izandla, Zikulo mntwana, Zinjenge zimvu zisemaxhegwini, Zinjenge zikaNodanga, ngaseKuboshweni. uNyathela ngomkhonto, Abanye benyathela ngezitho.

Ngenxa yokuthi amadodana kaNkungu ayesemancane ngenkathi uyise edlula emhlabeni, isikhundla sobukhosi bakwaNgcolosi sabanjwa wuFaku.

Ukwehlukana kabili kwesizwe sakwaBhengu

Kwathi uma sekufanele kubuse uNdlokolo kaNkungu ngaphambi kwempi kaLangalibalele ngowe 1873, isizwe sehlukana kabili yize wayethathwa njengendlalifa kaNkungu. Yena wasala ehola ingxenyana encane ngaseMngeni. Ingxenye enkulu yazimbandakanya noHlangabeza.

Imbangela yakho konke lokhu kwaba yile: uNdlokolo wazalwa eyinxele. AbakwaNgcolosi kusukela ekufikeni kwabo lapha bevela lapho kwagcina kuseSwazini khona, babekholelwa isaga esithi: “inxele aliwakhi umuzi.”

Kwathi noma sebezinze lapha kwaZulu leyo nkolo yalokhu igxile kakhulu ezingqondweni zabo.

Ngakho-ke kwathi uma uNdlokolo sekufanele athathe isikhundla sobukhosi, oFaku kaMepho, oMayeza kaMqweleba, oCinwa noJali abazalwa ngamakhosi amadala akwaNgcolosi bathi inkosi okwakufanele ibuse isizwe nguHlangabeza kaNkungu. Ngakolunye uhlangothi oMambedu kaMepho namanye amadoda ozalo wona athi inkosi kufanele kube nguNdlokolo kaNkungu.

Baqhubeka oFaku nethimba lakhe bethi bona ngeke babuswe yinxele ngoba liba yishinga lone umuzi. Bagxila ekutheni abayifuni inkosi ephatha isihlangu sayo ngesandla sokudla bonke abantu bebe bephethe izihlangu zabo ngezandla zesinxele. Ngaleso sikhathi sonke isizwe sakwaNgcolosi sasakhe eMngeni phansi kweNtshangwe.

Ukuphindela emanxiweni aseManzalathi

Ngokubona ukuthi ayikho eyayigoba uphondo ezinhlangothini zombili, uFaku owayelibambabukhosi wathatha isinqumo sokuphindela emanxiweni amadala akwaNtunjambili eManzalathi nengxenye eyayesekela uHlangabeza. AMandlalathi ngumfudlana ongenela oThukela. Wakhukhula-ke uFaku nezinkomo zonke kanye nengxenye enkulu yesizwe eyayeseka uHlangabeza. EMngeni kwasala abantu abambalwa ababesekela uNdlokolo.

Isinqumo sikaTheophilus Shepstone [Somtsewu]

Umbango woqhekeko esizweni wakhula kanjalo kwagcinwa kumangalelwene kuTheophilus Shepstone owayenguNobhala weZindaba zaBantu abamnyama kuKoloni yaseNatali. Zombili izingxenye zabizelwa eMgungundlovu (Phithamarizbheki).

Isinqumo sikaTheophilus Shepstone sagcina sivune ingxenye kaNdlokolo kwazise uShepstone walithatha njengenhlekisa iphuzu lenxele nokungabusi kwalo umuzi. Wanquma ukuthi lonke ifa maliphindele eMngeni kuNdlokolo.

Wagcizelela ukuthi kufanele kugxilwe ekutheni uNdlokolo wayezalwa iyiphi inkosikazi kaNkungu, ukuthi wayelinxele kwakungasho lutho. UTheophilus Shepstone wagcina ngokuthi ukuba uHlangabeza wayeyintombazane izinkomo zakhe nxa egana zazizodliwa nguFaku ngoba unina wayelotsholwe ngezinkomo zakwabo.

Umuzi waseMandleni eMandlalathi

Ngenxa yenkolelo yokuthi inxele alibusi umuzi isinqumo sikaTheophilus Shepstone asizange sisho lutho engxenyeni enkulu yabantu ababesekela uHlangabeza. Wakha umuzi wakhe awuqamba igama wathi kuseMandleni. Lelo gama lalisuselwa ekutheni uHlangabeza lowa muzi wayezakhele ngamandla akhe, engawakhile ngefa likaNkungu. Lakhula kanjalo uhlonze lukaHlangabeza: Sijuqu esomndindimana, [kushiwo ukunqamuka kabili kwamadoda] uNkomo zidla nezamaNgisi, NezamaJalimane, Munt’ osentabeni, Uthuleleni?

Ngakbo-ke isinqumo sikaTheophilus Shepstone asizange sisho lutho ngoba isizwe sanda kakhulu eManzalathi endaweni eyayilele wonke amakhosi akwaNgcolosi. Kuyacaca-ke ukuthi lonke uzalo lukaMepho kaNgwane kaLamula, lwabuyela ngakuHlangabeza lwesaba inxele. Ozalweni ngakuNdlokolo baba babili: uMambedu indoda umntanenkosi noZithoya kaMepho.

Ukufa kukaNdlokolo

uNdlokolo owashona mhla Zlyl 19 kuNhlolanja 1915 isibhedukile iMpi yaMazwe oMhlaba [1914-1918]. Indlalifa yakhe kwakungu Vika yena owazala uDinabakubo ozala inkosi uBhekisisa Felix obusa isizwe esincikene nesaseMaphephetheni nesakwaNgcobo eThekwini hhayi kwaNtunjambili eManzalathi lapho umzukulu kaHlangabeza ebusa khona.

Ngenkathi kubheduka impi yamaNgisi namaBhunu [1899-1902], isizwe sakwaNgcolosi ngaphansi kukaHlangabeza sacindezelwa kakhulu ngabaphathi bezempi yamaNgisi ukuthi sikhiphe amadoda ayezohamba nezinqola zempi ezazithwalela amasotsha ukudla nezinye izimpahla ezazidingeka empini.

Laba bantu bakwaNgcolosi kwakudingeka belekelele amaNgisi uma kunesidingo ekunqobeni impi yamaBhunu. Abanye babantu abathunyelwa yiNkosi uHlangabeza Bhengu mhla ziyi 14 Masingana 1902 ngoNonjanja noMagqibo.

Laba bantu banikezelwa kuMkhuzi wempi yamaNgisi owayaziwa ngokuthi ngu Officer Commanding Army Service Corps eMarizbheki yena wase ebathumela ezindaweni ababedingeka kuzo.

Kwathi mhla ziyisi 5 Ntulikazi bonke abantu abamnyama ababephoqwe ukuyosiza impi yamaNgisi badedelwa ukuba babuyele emakhaya, banikeza amawarrants esitimela ukuze bafike emakhaya bedlule eMgungundlovana. Imali ababeyiholelwa ngopondo ababili ngenyanga. Bonke abazange bakhokhelwe ngenyanga yesithupha yokugcina besemsebenzini.

Bathenjiswa ukuthi imininingwane yayizothunyelwa komantshi babo ukuze bakhokhelwe imali ababekweletwa yona kodwa lokhu akuzange kwenzeke.

Ubuhlakani bukaMepho nendawo yabakwaNgcolosi

Indawo yabakwaNgcolosi yagudla umfula iNzalathi yehla njalo kwaNtunjambili yaze yayofinyelela oThukela. Kukhona abathi abantu bakwaLuthuli bavela kwabakwaNgcolosi kodwa abanye bayakuphika lokho.

Siyaz i ukuthi ngemuva kokuthi iNgonyama uShaka ithumele uNongila Mabaso owayeyinhloli enkulu yezwe eMpumalanga Koloni, wabuya nokuthi kwakuliwa abelungu behlasela amaXhosa. Ngakho-ke uShaka wazilungiselela ukuthi impi yabelungu ithi iqambe ifinyelela kwaZulu bese ilindiwe. Ngakho-ke wahlanganisa izizwe zamaZulu. Isizwe sakwaNgcolosi esasibuswa nguMepho naso sazimbandakanya nokugcwele nokuhlanganiswa kwezizwe.

Ngaleso sikhathi abakwaNgcobo nabo base beyingxenye kaZulu ohlangene kumbandakanya bakwaMkhize bakaZihlandlo.

UNgoza kaMkhubukeli Mthembu yena wase ebalekile waphikelela eMampondweni lapho afika abulawelwa khona indlalifa yakhe yabuya yazokhonza kwaZulu.

Enye ingxenye yabakwaNgcolosi ngaphansi kukaJali yona yaphikelela phesheya koMzimvubu nabakwaXesibe nabakwaThusi. Ngakho-ke abakwaJali nabakwaBhengu abaganani. UJali wavela ngoba bayingxenye eyajabha yadangala ngenxa yezimo ezazinzima kubhekenwe nazo.

Isizwe sakwaNgcolosi ngaphansi kukaMepho asizange sihlaselwe ngalobo buhlakani bakhe bokuvuma ukuthi sizimbandakanye ngokugcwele noholo IweNgonyama yamaZulu saze sakhipha ngisho izinkomo zokukhonza eNgonyameni uShaka.

Umlando wakwaQwabe 😍 Imvelaphi yabakwaQwabe

Imvelaphi yabakwaQwabe 😍 Qwabe surname origin

Okokuqala okumele sikulungise wukuthi uQwabe akaze aphume kwaMnguni.Kukhona emlandweni oQwabe ababili, owokuqala kanye nowesibili. Ngokunjalo naboGumede babili. Ngicabanga-ke ukuthi we a ubuza ngoQwabe wesibili ozalwa nguMalandela kaLuzumane kaMnguni. Njengamanjena buhlukene ka-5 ukukhosi bakwaQwabe; abaseMthandeni, abase-Waterfall, abaseNkanini, uQwabe-P noQwabe-N(labs ababili batholakala ogwini lweKZN).

Amanye amaQwabe afudukela ogwini oluseningizima ngabakwaMakhanya. AbakwaMakhanya babehambisana namanye amaQwabe kuyiqembu elilodwa beta emcimbini omkhulu wesizwe. Uma sebrfike oThukela, lwangenisa abanye nasals ngaphesheya, bahlukana kanjaloke. Ekunqotshweni kukaPhakathwayo nguShaka, kwaba nombango esizweni phakathi kwendodana kaPhakathwayo kanyr naboyise abancane.

Ekugcineni uShaka wabeka uNqetho kaKhondlo, owabe engumnaka Phakathwayo kodwa ezalwa endlini encane. Lutheran ekukhathameni kukaShaka, uNqetho wanqaba ukukhonza kuDingane. Wafuduka njalo elibangise eMampondweni. UDingane wamlandela ngempi eyahlangana amahlandla amathathu, kuwona wonke uDingane ubeshaywa abhulelwe amahlahla.

Enye impi abatholane kuyo kwanzima, bekukwaNgcolosi ngakwaNyuswa. Nakalokhu kunendawo lapho okuthiwa kukwaNqetho eqanjwe ngalo igama laleqhawe. Umlando made mfethu, kodwa ngizoma lapho ngoba ngiyethemba ukuthi kukhona osukucoshile. Uhambo lukaNqetho nalo lwalunezigigaba eziningi esobuye sikhuluma ngazo.

UQwabe-N engiphuma kuye mina, bayinzalo kaMteli kaPhakathwayo. UMtheli uzale uNgcukuca hyena ozale uNdunge. UNdunge uzale Stephen noShiyane. UShiyane wazala uNhlanhleni(Fortunatus). UNhlenhleni uzale ubaba ongizalayo. Uma kuba esidingo siyokwenaba ngemvelaphi yazozonke lezindlu zamaQwabe engizibalile, kuhlanganisa nabakwaMakhanya.

Tshonga History 😍 Tshonga People Origion

Tshonga history

History of Tshonga people

These people were so named mainly because of their geographical location and dialects. Though they spoke different dialects, the language and cultural practices were largely the same. Hence they constituted a single cultural and linguistic community. It is for this reason that when one reads Vutlharhi bya Vatsonga (a collection of Tsonga proverbs) by Junod, it is difficult to separate proverbs along the different dialects!!!!

For over centuries Tsonga have assimilated other cultural groups who came to live with them in the South East Africa region. The following clans are a case in point:

(a) Shona

(i)Tembe-Karanga (Kalanga)- were in Delagoa Bay region by 1554

(ii) Baloyi(Valoyi) –Rozvi (Lozwi) – they were already in the N’walungu region during the time of the Dutch occupation of the Delagoa Bay (1721-31). Some Hlengwe oral traditions claimed that the Hlengwe were actually the ones who converted the Valoyi from Rozvi (Lozwi) into Tsonga in Zimbabwe and Mozambique. This probably happened after the death of the powerful king of Rozvi, Changameri Dombo in 1696.

(b) Shiburi (Xivuri) were Sotho. They entered Mozambique as conquerors from the Mpumalanga lowveld in the 1700s as separate groups, but they organised themselves into a Shiburi (Xivuri) chiefdom.

(c) Manganyi were Nguni who lived in Kwa-Magoda in Kwa-Zulu Natal

(d) Mabunda and Maswanganyi were part of the Mazibuko (Nguni) clan in KwaZulu Natal.

(e) Gaza-Ngoni-Shangaan: several Nguni clans who left with Soshangane to Mozambique from 1821 abandoned their Nguni language and became Tsonga speaking

(f) Chopi- several Chopi people have joined the Maluleke clan.

(g) Ndau- several Ndau clans like Mashaba (Maxava or Machava), Sithole, Moyana, Miyambu, Simango are now part of the Tsonga.

(h) Nkuna- came from Ngome in KZN.

It must be understood that although the Tsonga assimilated foreign cultural elements, it does not follow that the people are merely a hybrid of the assimilated groups mentioned above. In fact, the Tsonga have for centuries been identified as a cultural and linguistic group sufficiently different from other neighbouring cultural groups like the Tonga of Inhambane, The Zulu (Nguni or Ngoni) and the Karanga and the Sotho in South East Africa.

Abakwa VILAKAZI 😍 Abantu bakwa VILAKAZI 😍 Umlando wabantu bakwaVilakazi

Abakwa VILAKAZI 😍 Abantu bakwa VILAKAZI 😍 Umlando wabantu bakwaVilakazi

Abantu bakwaVilakazi badabuka kubantu bakwa Jili behlala ngaso lwandle beziphilisa ngokudayisa usawoti bethengisela zonke izizwe abebakgelene nazo. Lowo sawoti babewuphephetha ukuze kusuke ukungcola. Basithola kanjalo lesithakazelo esithi Mphephethe. Izinyawo zabo zazihlala zimhlophe ngoba babewugxoba ngezinyawo losawoti ukuze ucoliseke. Bathola izithopho ezethi Zinyawo ezimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle.

Lesibongo sakwaVILAKAZI basothola ngemibono emibili kwelakwaZulu nelakaNgwane.

Umbono wokuqala kwaZulu: komunye umuzi emndenini wakwaJili kwabe kuno mfazi owayephisa utshwala obuxakile ngenye indlela bububi kuyisitshodo. Ababephuza lobo tshwala babebabaza bebabazile ngenxa yobubi babo. Abantu bavumela ukuthi okudala lotshwala bube bubi ikithi lowo nkosikazi ubuvilakazi uyivila voco. Kwase kuqanjwa lowo muzi ngokuthi ikwaVILAKAZI ngoba kuphiswa utshwala obubi obubangelwa ukuvilapha kwalenkosikazi. Ngakho uzalo lonke lwakulowo muzi lwabizwa ngoVilakazi isibongo.

Ngesikhathi elakwaZulu libuswa uShaka isizwe sakwaVILAKAZI sabe sibuswa uVelaphansi owayebuye ebe usomahlaya kaShaka. Okwathi langa limbe uVelaphansi wenza ihlaya ngenkosi uShaka phambi kwesinduna zakhe. Lesosenzo samthukuthelisa okaMenzi wathumela amanutho ukuthi ayobahlasela abakwaVilakazi. Babaleka bagibela intaba eyayoseduzane nabo base baphosa atshe emabuthweni kaShaka. Kwaphinde kwamcasula lokho uShaka wathi bangamagwala, kwavela esinye isithakazelo esithi GWALA, kepha kukhona abasebenzisa leso sithakazela njengesibongo.

Umbono wesibili ngokuqambeka kwalesibongo eSwazini:

Ngesikhathi uShaka ebahlasela lesizwe sikaVelaphansi abanye babalekela eSwazini lapho yafike inkosi uSobhuza wokuqala wabamukela ngezandla ezimhophe. Wabasikela indawo eNgwedze ngasemfuleni Ingwavuma ukuthi bazilimele bezophila. Kuthiwa lababantu behluleka ukulima ngoba bona babejwayele ukuzodayisela usawoti kuphela hhayi ukulima. Kuthiwa bamangala abantu baseSwazini ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi isizwe esimnyama singakwazi ukulima kwathiwa amavilakazi lawa. Phela babengalimi baseseNatali. Kuthiwa impilo yabo yabanzinyana ngempela lena eSwatini. Bakizwa ngo VILAKAZI bonke ke eSwazini abantu bakaVelaphansi wakwaJili.

Ngezingameko ezahlukahlukene kwavela nazi isibongo ziphuma kwaVILAKATI;

Nzimande/Ndzimandze
Gwala
Nkonyane
Mkhaliphi
Mdluli

Izithakazelo:

Vilakazi
Nzimande
Mdluli
Gwala
Mphephethe
Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle
Myeka khamangwa
Majiya Ngwekazi Nkondlwana
Mdlovu omatubutubu
Umhlwehlwe odume njengoZulu
Mancama ngenhlunu
Lugwashu
Matshinga waseMaphephetheni
Sihlase Binda

Abanye bathakazela manjena:

Binda!

Mphephethwa
Wena kaGama
Mantshinga waseMaphephetheni
Owagwaz’ aze ame ngeklwa
UNgwevu noNgwavuma
Nina baseNgwede neNgwavuma
Sihlase!
Owadl’ umkadadewabo
Wathi akananyongo
Wathi akanamehlo
Umhlehlo sibhanhakazane
Malinga khilu hohlo
Bamchatha ngohlanga bethi akafe
Kanti lapho engasayukufa impela baze banqoba!

Page 2 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: