πŸ’›

izithakazelo

Tag: vantomme

Nkosi Ndlangamandla

Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.

Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.

Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.

Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.

Izithakazelo zakwa Khumalo Clan Names & History

Izithakazelo zakwaKhumalo:    
Mntungwa,
Mbulaz’omnyama, Nina bakaBhej’ eseNgome, Nin’ enadl’umuntu nimyenga ngendaba, Nin’ enadl’ izimf’ezimbili ikhambi laphuma lilinye, Lobengula kaMzilikazi,   Mzilikazi kaMashobana, Shobana noGasa kaZikode, Zikode kaMkhatshwa, Okhatshwe ngezind’ izinyawo nangezimfushanyana, UMkhatshwa wawoZimangele, UNyama yentini yawoZimangele Mabaso owabas’ entabeni kwadliwa ilanga lishona, BaNtungw’ abancwaba, Zindlovu ezibantu, Zindlovu ezimacocombela,
Nin’ abakwaMawela owawel’ iZambezi ngezikhali,
Nin’ abakwaNkomo zavul’ inqaba, Zavul’ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba, Nin’ enalukudl’ umlenze kwaBulawayo More Khumalo clans>>  

Page 10 of 10

Β© 2026