πŸ’›

izithakazelo

Tag: voki Page 4 of 5

Izithakazelo zakwaMkhatshwa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMkhatshwa

Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Nxumalo,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Izithakazelo zakwaMasuku Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMasuku

    • Zisongo,
    • Zwide kaLanga,
    • Nhlane,
    • Thunda bathole abafokazane,
    • Snqamu sobhedu,
    • Maphanjwa!
    • Mgano owamila emini ebusuku wawohloka,
    • Wena owaguda inkomo nethole layo,
    • Sihlahla esingahlalwa zinyoni,
      Zwide KaLanga.
  • Founder of Precious & Partners Legal Practice and Pan African Game Changers (PAGC), an initiative supporting young African women and men. Received SAWL Top 10 Trailblazer Award and Pan African Leader and Social Entrepreneur of the Year Award in 2021.

    Nkosi Ndlangamandla

    Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.

    Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.

    Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.

    Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.

    Abakwa Khumalo

    Abakwa Khumalo, Mabaso no Nkosi bazalwa ngu Mntungwa ka Mbulazi. U Mabaso wabe emdala.
    U Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi wazala uMkhatshwa owazala uZikode owazala u Gasa no Mashobane.
    U Zikode wazala uMagugu, Donda, Siwela owazala uMlotshwa.
    U Magugu wazala uNkonyeni owazala uMtekuza owazala uMazungezi yena owazala uMandlalela.
    U Mashobane wazala uMzilikazi.
    U Mzilikazi wazala uMangwana no Nkulumane owazala u Nokhenke owazala uNdlukayise owazala u Velaphi John Nombengula Thobela.
    Nansi enye inzalo yakwa Khumalo:
    Ndabezitha, Mashobane, Mzilikazi, Ngonyama, Nyandeni, Khukhuza, Ngwadla, Maweni, Macala, Zwangendaba, Msweli, Seni, Mbawu, Phungaza, Gwamanda, Muthwa, Mbulazi, Khulu, Zikode, Gawozi, Bheje, Nyathikazi, Mzazela, Shembe, Lobengula, Gasa, Mkhatshwa, Mawela, Nkomo, Ntokela.
    Amanye walamagama agcina eyizibongo kanti amanye agcina engamagama nje.

    Page 4 of 5

    Β© 2026