clan names πŸ‘‘ history

izithakazelo

Tag: wessenaar Page 2 of 5

Izithakazelo zaka Khalishwayo

Khalishwayo,
Mhlophe,
Mathunjwa,
Wena Kasoshabeni,
Wena kandandaza uphose,
Wena kangede zinika olwakho ungakaze ubone iyngede zinikana,
Wena owagwazwa nge ntshwayitshwayi kaSoshangane,
Wenah soMali eBomvu,
Wena kaso Dayimani !

Mfaba Clan Names

Iziduko zako Mfaba
Vezi
Mhlope
Mwelase
Ndongandini
Wena owadla amajuba aseMangweni !!!

Izithakazelo zakwa Mhlophe Clan Names

Mhlophe odlilanga
Ngcingweni
Gati gati ngesbumbu sakhe
Mememe

Izithakazelo zakwa Dladla ziphelele zonke

Dladla Clan Praises :

Mgabadeli, owagabadela izinkundla zakwabulawayo, gadlela, dwala, mpembe, mhlophe, vezi, dladla, nyazitha, magalel’agiqe njengeshongololo,  nhliziyo zimhlophe, mapha azay’ncishe yena, ngalonde, masok’amahle, limi luyashelela ezintombini,mangaphikiswa, bunono bekati, makhos’ezwe, mhlambi wezinkomo kawubaleki, maqaphel’ebheke phansi ngokungathand’ukukhuluma, findo kaliqaleki sofa silahlane, mpilonde, malal’evulile ngokungesabi lutho, mkhanyelw’ebumyame, mthond’omuhle, ngokuzal’abafana namantombazane, nzalwenhle engaciki, mahambela phezulu ngokuzazi, dladla !!!

Page 2 of 5

β“’ 2025