clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: zakwa

Izithakazelo zakwa Mhlophe

Nyathela: unyathela ngomkhonto abanye benyathela ngenyawo

Mvubelo

Mdukase

Nhlanga Zamasha ezamadala zabola, umgugudo wabonwa ilanga

Umqotho nesisekelo phezu kwe sisekelo yibululu 

Libase: olibase umkhonto osanda kulolwa, wena wasegudu wena ogudunkomo  

zindela: onkomonhle kwezenkosi, odladla, omphembe, nyazitha, ovezi, okweyama kamgabadeli owagabadel’ inkundla yakwabulawayo, othiyathiya wathiy’ amadoda, ontombi zenda ngonyezi ezabafokazana zenda ngomyama, ezikamanyonyo kasilwane umuntu wahlalwa yimpukane wabola ngelanga  

Abehala ngesilulu, obonjeni!

Izithakazelo zakwa Mngomezulu

Mngomezulu

Dlakadla

Nkabanhle

Nkabayenkosi

Msuthu Mdluli

Zombizwe

Mfiso

Malinga

Mbikiza

Mfisongafi ofa masekuthanda yena Phambaphamba kaDududu

ophamba abangoma ezinyaweni

Songancome ngomzimba

ombambo kazibalwa kubalwa

imikhonto yamadoda

Mfazi omabelemade oncelisa ingane ngaphesheya komfula

iNgwavuma.

Manyelela nelanga nenkungu

Khubal’thuli elihle ngokukhubana

lodwana ezinyaweni.

Galela Lubelo owadilika emkhiwaneni

wathi angiwanga ngithe mbamba.

Β 

Umlando wakwa Mngomezulu 😍 Mngomezulu Clan History:

Nxumalo Clan Praises Izithakazelo Zakwa Nxumalo

Nxumalo Surname 😍 Nxumalo Clan Names

Zwide kaLanga!
Wena waseGudunkomo
Wena owahlaba inkomo wasipha,
Wena wesihlahla esincane
Esihlala izikhova zabathakathi.

Khasakhasa lwakaNtombazi,
Magaqa ngezandla
Eyoshona kwaMashobane,
Ngisho noyise uLanga
Akaze angene khona
Kodwa sambona esengaphakathi
KwaMashobane.

Uzwide kaMagqangqula,
Imamba ekhwela amagudu amabili
Kwathi kwelesithathu yajilingana
Yamudla umuntu yamushiya isibindi.
Ubusibindi ungakanani wena Zwide
Ungadla umuntu umshiye isibindi?

Isililo asikhalwanga kwaMashobane
Ngoba besaba ukuthela umkhwenyana ngezinyemezi.
Uyajabula-ke wena Mzilikazi owake walwa noZwide
Wambona evunule
Kwaye kwayiyizela udadewabo kaZwide uNozimpethu. 

Ndwandwe waseGudu!
Nkabanhle!
Sbhaxa!
OkaSothondose omhlophe.
Umthondo wethusi
Othunda kuthole abafokazane
USdinana sikaMaphisa

Mkhatshwa!
Bathi bekhatshwa ngezinde
Wena ube ukhatshwa ngezimagqukumezana.
Wena wakwaNkokhelabantu
Behlatshwa ngemikhonto njengezinkomo.
Wena wakwaMnene.

Wena wakwaMasheshafike kuMashobana
Unozinyanga engafiki.
Wena kaNobhongoza.
Mnguni ongafi ngamkhonto,
Nogwaza bengahlonyulwa.

Sandla sivik umkhonto njengehawu,
Kukhal indoda namadojeyana,
β€œKade ungigwaza Ndwandwe sengifile!”
Gudunkomo!
Langa!

Izithakazelo zakwa Mncwango

Izithakazelo zakwa Mncwango
Mjaji ka ngotshana,
Makhumbuza uthuli,
Nsiba ka muntsha,
Dubeni,
Wena owanyela emfuleni wenkosi wathi uyancwanga,
Mpangazitha oziphangayo,
Mzingeli kamfekaye,
Mncumbatha !
Phakathi wako Nkosi !!!

Izithakazelo Zakwa Tembe

Izithakazelo Zakwa-Tembe

Mthonga
Tembe
Mlawu, Ngolanyama
Khamangathi, Khamel’abahloti
Mlawu wantshenga
Nyomfi wandawu
Kabahlomeli
Hlomela hlomela
Adingi omnyama
Kameli bahluthi
Ngwanase
Noziyingili

IZITHAKAZELO ZAKWA SIBIYA 😍 Sibiya Clan Names

IZITHAKAZELO ZAKWA SIBIYA 😍 Sibiya Clan Praises

Ndaba, Gumede
Sibiya ngenkomo, Abafokazana bebiya ngamahlahla!
Nina bakwankom’ isengelwa emaweni,
Ingasengelw’ esibayeni akuyon’ eyakhona.
Gumede kaNdaba
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’ eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini
Kwaze kwephulwa esendlini
Engazange afe kufudumala
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala

Izithakazelo zakwa Chule 😍 Chule Clan Names

Izithakazelo zakwa Chule

Nxele,
Msweli!

Izithakazelo zakwa Chamane 😍 Chamane Clan Names

Izithakazelo zakwa Chamane

  • Chamane,
  • Wosiyane,
  • Nzama,
  • Mashiza,
  • Dingila,Chube,
  • MaChube amahle,
  • Nombhoco, Chube,
  • Gcugcwa,
  • Zukula kaNombhoco,
  • Zukula, nina baseS’Chamaneni,
  • Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
  • Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu,
  • Kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba,
  • Mkhandi wensimbi,
  • Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume
  • gesithembu,
  • Gcugcwa ka-Ncameni,
  • Ncameni ka-Nozaca! ??

Izithakazelo zakwa Chagwe 😍 Chagwe Clan Names

Izithakazelo zakwa Chagwe

  • Chagwe,
  • Mshengu,
  • Nzima,
  • Mayane,
  • Gugushe!

Izithakazelo zakwa Cambi 😍 Cambi Clan Names

Izithakazelo zakwa Cambi

Mathaba,
Mbuyazi!

Page 3 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: