clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Zandile-Bhebhe

Bhebhe Clan Names 😍 Izithakazelo zakwa Bhebhe

Izithakazelo zakwaBhebhe

Bhebhe: Makhedama, Soyengwase, Nina bakaBhebhe kaMthendeka! Nina bakaSoqubel’ onjengegundwane! Nina baseSiweni, kwaMpuku yakwaMselemusi, kwaNogwence webaya! Dlomo weNdl’ ende! Sihlangu samavaka seswel’ ababhemu! Wen’ owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb’ilanga! Makhul’emini abafokazana bekhul’ ebusuku! Zingwazi zempi yakwaNdunu! Njoman’ eyaduk’ iminyakanyaka, yatholakal’ onyakeni wesine; yabuye yatholakala ngowesikhombisa! Langeni, owavel’ elangeni!

Bhebhe Clan names

makhedama, bhebhe, mhlongo, soyengwase,

njomane kamgabhi kamthendeka, eyaduka iminyakanyaka yatholakala ngowesine

umazalinkosikazi, unini kashaka kasenzangakhona,

dlomo wemdl’ende

nina bakasoqubele onjengegundane,

nina basesiweni, kwampuku yakwamselemusi

kwanongwece webaya

zingwazi zempi yakwandunu

sihlangu samavaka seswala’ababhemu

makhulemini kamalandela,

okhulemini abanye bekhula ebusuku

umageza ngobisi,

wena owabhebha umuntu etsheni laze laphuka, ngoba usaba amazolo

wena waselangeni,

nzinda,

m’zi’mkhulu,

maziwayinkosi abanye bengaziwa,

mhlongo,

mthekele,

wen’owalala nomunwendunu wavuka wawuncinda wawukhombel’elangeni

njomane!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: