Inzalabantu yalesi sizwe sakwaMdlalose kwabe kunguDikane owazala uNhlaka,uGada, uZililose[intombazane] kanye noNjomela,

Abantu bakwaMdlalose bagqama kakhulu ngesikhathi sebephethwe uNhlaka indodana kaDikane..Izwe lika Nhlaka lisuka eMziyathi kuze e Utrecht kuqonde eMbilane ngaseHlabane kuqonde ePhondwane kuhambe kwehle ngoMnyathi kwehlele eLenjane . Lonke-ke leli ngelakwa Mdlalose lika Nhlaka.

uNhlaka wahlasela (nge Negisa) ehlasela aMangwane okuyiwona ayebusa leli lakwa Mdlalose engakanikwa uNhlaka.

Impi ka Nhlaka yaqhamuka ngesikhala seNhlangwini yahlangabezana phesheya kweShoba, Wayichitha eyaMangwane uNhlaka. UNhlaka wakhe umuzi wakhe wase Kubalekeni kwaNtholwane eShoba……

Amadodana Ka-Nhlaka

USekethwayo

UNtuzwa

UThondolozi

USiyaphi

UMgulugulu

UMbenge

UXanyana

UMabubale

Izithakazelo zakwa-Mdlalose

Nyanda wephahla,

Khwenta,

Madlula,

Mgabashe

Bhudukuziwisa,

Phangakufa,

Dikane,

Wena wephahla elinhloko-nhle,

Sphungulo say’Ongoye,

Magutshwa laph’engefekhona,

Wena kanhlangothi zibomvu amanxeba,

Wena webhaca elithanda impi ngoba ladla uDayi kaSkhova!

Ubukhosi bakwaMdlalose buseVryheid, OThaka