Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abantu bakwa Yeni babengabakwa Radebe amahlubi yashintsha ifani yabo yangu Yeni.

Kunendoda kwa Radebe igama layo lalingu Yini, uYini wazala intombazane okwathi seyikhulile yagana umuntu igama lakhe elingu “Zondzi” owayezalwa ngu Shibase.
U Zondzi wayengabakhonzile abantu futhi eyiphisi ehlale engekho ekhaya. UmaYini ebathanda abantu ehlale egayile abantu beze bavakashe. Bagcina abantu bethi ikwa Yeni layikhaya. U Zondzi ebona ukuthi ilona gama elichumayo basithenga isibongo kwangu Yeni

Ezinye izizukulwane zakugxeka lokhu zaqala zazibiza ngegama lika yise u Zondi. Lo Zondi abawuye akahlobene nakancane no Zondi wakwa Nondaba Gagashe. Kodwa ngenxa yesikhathi esiphila kuso nabantu sebengawazi kahle umlando bagcina abanye o Yeni sebezihlobanise beyinto eyodwa nabantu bakwa Zondi Nondaba.

O Yeni babesuka e Koloni bafikela e South coast endaweni ebizwa ngokuthi kukwaDeyi. Kepha kulesikhathi samanje bayatholakala ko Mzimkulu, Mehlomnyama, Ndwebu, Oshabeni, Harding, Zingolweni nasezindaweni nje eziningi e South coast . Babedume kakhulu kwezonkolo zase weseli eminyakeni yo 1800

Abantu bakwa Yeni bahlobene nabakwa Shibase isibongo. O Shibase bahlukene kaningana kuno;
Shibase Yeni
Shibase Mtolo Dlangamandla
Shibase Ndaba Bhadela

Iningi labantu bakwa Yeni/Shibase batholakala e South coast la bafikela khona bebuya e Koloni.