clan names ๐Ÿ’™ clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Month: May 2016

Dludla Clan names

Cebisa,
Mandondo,
Sebeni (bavela kwaxulu)
Dludla,
Cebisa,
Mandondo,
Nsukungaye,
Jaja,
Nina bakasibunywana sihleli asitebi ezabanye zibomvana,
Skhakha!

Mfusi Clan names

Mfusi Clan names

mthiyane,
linda,
vundisa,
madanyana,
incwadi engafundeki,
ushevu ongababi othi ungababa ungabulali

Mbuyisa Clan names

Mbuyisa Clan names

Mcusi wasendlunkulu,
Mbhede olala abelungu
Gqagqazela,
Nhlavu azimshayi ziyamthantalaza,
Shebi,
Nonduku!

Mlaba Clan Names

Mlaba Clan Names

Ximba,
godi,
msuthu,
nodlela,
mabhoyi,
mtungwa,
nina benkosi ebhula ngehlahla amanye amakhosi ebhula ngenduku 
nina benkosi eyalwa nongangezwe yaye yalwa nonomsinekwayo 
nina enadla isicaba sisinye ngokusicazelana
nina bambewu mbili ababovana nabamnyamana,
omlamulankunzi ziyek’ezinye zibulalane mkhonto owabuya nobende emadodeni ogqumel’thethayo 
nina enehla ngesilulu ezintabeni zasosuthu dumakude mthandi wabantu bengamthandi bethi bayamthanda kanti bayamkhohlisa 
njono wena wasemdlangweni sambane phum’ehlathini kwenile kulele izingwe nezingwenyama 
nina bakamkalabane akadinwa ngamaveyisi!

Izithakazelo zakwa-Shangase

Izithakazelo zakwa-Shangase

Shangase!
Shuku
Ndaleka!
Mkheshane
Nogujwa
Thomani!

Izithakazelo zakwa-Shangase, Shangase clan names, Shangase clan praises

Memela Izithakazelo

Izithakazelo zakwaMemela

Gambu,
Msuthu,
Memela,
Ngwekazi,
Dumabezwe,
Ntethe,
Kumayakayaka;
Sidwab’ esimantwenguntwengu ngokudliwa yinundu.
Bhele likaMdingi โ€“
Yenโ€™ ongakhokhobi njengoMacingwana, yenโ€™ okhokhobelโ€™ engonyameni.
Sidwaba sokudabuka;
Msuthu ka Langa.
Makoti owadla igqila ethi udla inyama.
Nina abehla ngesiLulu, naningazele usizi nanizele ukubusa.
Mbhaba owakhahlela kuqala eminye ingakokhahleli!

Kant’amaGambu ngabombizane, babiz’umuntu edlula ngendlela bathi akaze azosika wath’esefikile badlanaye kanti baz’omnikez’inkom’eGambu.
Mshukangubo,
Ngwekazi kaLanga,
Nombele,
Mathโ€™ amahle,
Zinyawo zenkosi.
UThabethe nguMthwa oluthuli; baze bathi nguNontuli ozitha zasal’edengwane ngob’ uMemela esethukuthele.
Uzalo kaMdingi; umshisi wezikhotha eshisela ababemshisela naye.
Bathi ngu Hlawula, ngob’ ethi “hlawul’ ukudla kwami, njandini!โ€

AbakwaMemela, ngabantwana bomthwakazi. Ngabathwa abaluthuli abathwalโ€™isiba lomkholwane, lona lingathwalwa ngabafokazana, lithwalwa ngamakhosi.

Ngu Thokozani Lesedi Memela

Page 3 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: