Mlotshwa Clan name praises
Mlotshwa!
Ntumbeza kaNtanzi
KaLwandle kaluwelwa
Luwelwa zinkonjane
Zona zindiza phezulu
Cabuzela onyawo ncane
Zingabankulu zifuzekhabonina
Zitha kaMkhonto
NinenaphumoSuthu
Nehla ngesilulu Hlatshwayo!
Nkomo!
Magidla!
Izithakazelo zakwa-Mthalane
Mthalane!
Weza!
Fuzula!
Mngxenge!
Zimbuzi zingena ngamasangosango
Nyokana Eluhlazana umabonwa abulawe njengenyamazane
Mbulula
Nkwesheni
Nomcozama
Mbonambi
Izithakazelo Zakwa Mchunu
Mchunu!
Izithakazelo zakwa-Mchunu
Macingwane,
Yeyesa,
Phakade,
Mnguni wena wase Ngonyameni,
Jama kaSilwane
Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshayelo!
Izithakazelo Zakwa Nhlapho
Nhlapo!
S’gegede ….
Nongombhili! ingabayinye, weza nonima!
Mabulal’ umuntu am’hleke, athi, “ngibulel’ okukhahlambana”.
Ndaba ….
Dub’ elimthende
Nkwali zenkosi ezona ngokwendela kubafokazana
Umathunzi-made okwensim’ yelala!
Umagotshw’ egotshiwe kwabakwamlambo!
Wena kamavundla …!
Mbhonani …!
Umwelase ngokuwela impofana nothukela!
Mwelase ongaweli ngezibuko …. owawela ngezihlengela zomfula
Umadl’ umkadadewabo, athi, “akanamhlehlo! onomhlehlo ngubhabhakazi!”
Umsongansimbi ayibek’ ebunzi khon’ amagwala azombalekela.
Kwanhlapo umgoqo kawusavalwa, sekuvalwa ngamakhanda amadoda.
Mlambo!
Nina bakwamveli!!!
Sithole Clan names
Sithole,
Jobe!
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Ungaze ube nomngandeni
Malatshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshisabalondolozi
Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi kaGabela
Zitsha zimnyama
zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana
Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadlomunyumqolo
Nina bakaDidizumkhaba
Mkhombowadleminyimikhombe
Lwandloluhambezintabeni
Nina baseQhudeni
Jozana olubomvanolundakandkana
Qomondolumantinyane
Olubukumuntu lumethembise
Sengathi luzomakhelumuzi
Kanti phinde!
Nina bethole insthwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhawozi
Owakhawuzamadodakhawuleka
Nkomankomanekhawuzabalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende
zimthendelezi
Ngwenyedlelohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
NgokuhambuyeSwazini
Luhuluhulu!
Nyokeni!
Nina baseLenge!
Ninenabulalabathakathi
NjengoShaka
Nadlula naweluThukela
NinabakwaMgcwayiza oyinsimbi
Ongahlulwa yintengakhulumi.
Izithakazelo zakwaMyeza
Myeza!
Ndimbane;
Mpangela;
Mzukwaze!
Msani wathwalwa ngezinyanda
Madlokovu!!!
Mfusi clan names
Mthiyane,
Linda,
Undisa,
Madanyana,
Incwadi engafundeki,
Ushevu ongababi othi ungababa ungabulali
Mdletshe Clan names
Mdletshe!
Msindazwe,
Mfuyi wamatshe abanye befuya izinkom,
Singabakangomane engowaseyisayini,
Singabakamfusi kamawewe,
Singabakamsuswhana singonzamela gwaza,
Singabanomo,
Singomagida!
Singoskhumba sehlula abashuki saze sashukwa amampondo.
Thina phela singabakamagcishagcisha!
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén