clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: May 2016 Page 2 of 3

Mlotshwa Clan name praises

Mlotshwa Clan name praises

Mlotshwa!
Ntumbeza kaNtanzi
KaLwandle kaluwelwa
Luwelwa zinkonjane
Zona zindiza phezulu
Cabuzela onyawo ncane
Zingabankulu zifuzekhabonina
Zitha kaMkhonto
NinenaphumoSuthu
Nehla ngesilulu Hlatshwayo!
Nkomo!
Magidla!

Izithakazelo zakwa-Mthalane

Izithakazelo zakwa-Mthalane

Mthalane!
Weza!
Fuzula!
Mngxenge!
Zimbuzi zingena ngamasangosango
Nyokana Eluhlazana umabonwa abulawe njengenyamazane
Mbulula
Nkwesheni
Nomcozama
Mbonambi

Izithakazelo Zakwa Mchunu

Izithakazelo Zakwa Mchunu

Mchunu!
Izithakazelo zakwa-Mchunu
Macingwane,
Yeyesa,
Phakade,
Mnguni wena wase Ngonyameni,
Jama kaSilwane
Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshayelo!

Izithakazelo Zakwa Nhlapho

Izithakazelo Zakwa Nhlapho

Nhlapo!
S’gegede ….
Nongombhili! ingabayinye, weza nonima!
Mabulal’ umuntu am’hleke, athi, “ngibulel’ okukhahlambana”.
Ndaba ….
Dub’ elimthende
Nkwali zenkosi ezona ngokwendela kubafokazana
Umathunzi-made okwensim’ yelala!
Umagotshw’ egotshiwe kwabakwamlambo!
Wena kamavundla …!
Mbhonani …!
Umwelase ngokuwela impofana nothukela!
Mwelase ongaweli ngezibuko …. owawela ngezihlengela zomfula
Umadl’ umkadadewabo, athi, “akanamhlehlo! onomhlehlo ngubhabhakazi!”
Umsongansimbi ayibek’ ebunzi khon’ amagwala azombalekela.
Kwanhlapo umgoqo kawusavalwa, sekuvalwa ngamakhanda amadoda.
Mlambo!
Nina bakwamveli!!!

Sithole Clan names

Sithole Clan names

Sithole, 
Jobe!
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Ungaze ube nomngandeni
Malatshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshisabalondolozi
Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi kaGabela
Zitsha zimnyama
zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana
Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadlomunyumqolo
Nina bakaDidizumkhaba
Mkhombowadleminyimikhombe
Lwandloluhambezintabeni
Nina baseQhudeni
Jozana olubomvanolundakandkana
Qomondolumantinyane
Olubukumuntu lumethembise
Sengathi luzomakhelumuzi
Kanti phinde!
Nina bethole insthwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhawozi
Owakhawuzamadodakhawuleka
Nkomankomanekhawuzabalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende
zimthendelezi
Ngwenyedlelohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
NgokuhambuyeSwazini
Luhuluhulu!
Nyokeni!
Nina baseLenge!
Ninenabulalabathakathi
NjengoShaka
Nadlula naweluThukela
NinabakwaMgcwayiza oyinsimbi

Ongahlulwa yintengakhulumi.

Izithakazelo zakwaMyeza

Izithakazelo zakwaMyeza

Myeza!
Ndimbane;
Mpangela;
Mzukwaze!
Msani wathwalwa ngezinyanda
Madlokovu!!!

Mfusi clan names

Mfusi clan names

Mthiyane,
Linda,
Undisa,
Madanyana,
Incwadi engafundeki,
Ushevu ongababi othi ungababa ungabulali

Mdletshe Clan names

Mdletshe Clan names

Mdletshe!
Msindazwe,
Mfuyi wamatshe abanye befuya izinkom,
Singabakangomane engowaseyisayini,
Singabakamfusi kamawewe,
Singabakamsuswhana singonzamela gwaza,
Singabanomo,
Singomagida!
Singoskhumba sehlula abashuki saze sashukwa amampondo.
Thina phela singabakamagcishagcisha!

Blose Clan names

Blose Clan names

Ndelu,
Madiba,
Dimba,
Duma,
Mseleku,
Phonsel ‘obusumajonjobela othunga ligcwala lingethiwanga ligcwala ukuhlakanipha,
Bohlela.
Noncengwa -wena owancengwa izintombi zathi sicela usishade blose.
Chobile – wena owachoba izintwala zenkosazana.

Gasa Clan names

Gasa Clan names

Msomi ,
Gasa,
Meyiwa,
Thabela,
Vezi,
Nophacwa wena owaphica umfazi kwasa ekuseni kwazekwa indaba,
Onondabula zixuku zakondwandwe,
Wena owehla ngomzungulu wasala wabola mndayi

Page 2 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: