clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: July 2016

Izithakazelo Zakwa Ximba

Izithakazelo Zakwa Ximba

Mlaba,
Ntungwa,
Nondlela,
Mzungulu,
Mzazele,
Msuthu,
Thusi,
Mabhoyi,
Mungwe,
Mbewumbili abamnyamana naba mhloshana,
Nina enadla isicaba nasicazelana,
Nina bakwalivunywa abavuma umfazi aliwa.

Izithakazelo Zakwa Madlopha

Izithakazelo Zakwa Madlopha

Madlopha,
Lingode,
Mcobe wembewu owacoba izizwe zonke zacobeka,
Yyathikazi,
Sizwe esingajwayelwa,
Zwide kaLanga,
Sonkophe,
Sondiyandiya,
Luphondo olumaphunduphundu,
Moya omnandi onjengo wengonyama,
Ngobatshani,
Phosise,
Mathanda,
Nina enathandwa yinkosi yakwaNodwengu,
Sothondose!

Umqala noma intamo?

‘Umqala’



Iphutha:
‘Ngibone isidlakela esinomqala omkhulu’

Isisombululo:
Ngesizulu esiqondile asisho kumuntu ukuthi ‘unomqala’ othize. Ungasho njalo enkukhwini hhayi kumununtu. Uma ubona amaqhude anomqala omude, yilapho okumele usebenzise lelo gama, hhayi kubantu.

Uma ufuna ukuchaza okubonile esidlakeleni, esikhundleni sokuthi ‘Ngibone isidlakela esinomqala omkhulu’, kumele uthi ‘Ngibone isidlakela esinentamo enkulu’.

Inqwaba Yabantu?

‘Inqwaba Yabantu’


Inkinga:
‘Ngibone inqwaba yabantu!’
Isisombululo:
NgesiZulu esiqondile asisho ukuthi abantu bayinqwaba. Lokho kushiwo uma uchaza amatshe.
Uma ubona amatshe amaningi, yilapho kumele usebenzise lelogama ukuchaza ukuthi maningi, ayi abantu.
Uma ufuna ukuthi ubone abantu abaningi: vele uthi ‘Ngibone abantu abaningi’ noma uthi: ‘Ngibone abantu abaningi bengangoZulu eya eMakheni!’
Ngosizo luka: Ngizwe Mchunu – Ukhozi FM

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: