UHLUBI NENKOSI USIHAYO KAXHONGO…

Ngaphambi kwempi yaseSandlwana. AmaNgisi, ahlasela iNkosi uSihayo kaXhongo Ngobese, eBatshe Valley. Kule ndawo iNkosi uSihayo kaXhongo, yayibekwe yiNkosi uMpande kaSenzangakhona kaJama Zulu. Kodwa empeleni, yayinikezwe umfowabo weNkosi uSihayo, uMfokazana kaXhongo Ngobese. Enikwa yiNgonyama uShaka kaSenzangakhona.

Yase isigcina isisezandleni zeNkosi uSihayo. AbeLungu bahlasela emaQungebeni, bashisa umuzi weNkosi uSihayo kwaSokhexe. Bethi uZulu, uzotatazela ahlome ahlasele. Kusengamalungiselelo empi yaseSandlwana. Kwathi engahlulwa amaNgisi eSandlwana, kwalandlea izimpi ezaholela ekunqotshweni kukaZulu. INkosi uSihayo nendodana uMehlokazulu kaSihayo baboshwa.

UMehlokazulu waboshwa e-Pietermaritzburg ngo-October 1879, iNkosi uSihayo yaboshwa e-Ford Cambridge. Kwathi ingabuyiswa eBatshe, kwase kubekwe iNkosi uHlubi kaMotha Molefe, wakha umuzi wakhe ngasemzini weNkosi uSihayo. Ngalokhu abeLungu babehlose ukuyisusa endaweni evundile iNkosi. INkosi uSihayo yagcina isixoshwa yiNkosi yakwaMolefe, yayobekwa eQhudeni. INkosi uHlubi yabasusa futhi yabasa oPhoko, lapho abazinza khona. Kwathi kuhlasela uMntwana uZibhebhu oNdini, kwashona amaqhawe amaningi okubalwa kuwo, oMnqandi kaMtshana Sibisi, Nobiya kaSotobe, nayo iNkosi uSihayo yasala khona oNdini…Nina Ngqongqo yemikhonto ibanga izililo. INhlendla yeThusi kaMjokwane!

Nkwelo Major Zulu