Mdletshe Clan Names & History:

AbakwaMdletshe:

Abantu bakwaMdletshe baphuma kubantu bakwaMthethwa .Abantu bakwaMthethwa bangamaNtungwa angaMalala ngokwezigaba zabeNguni ,kodwa -ke ngokuhlakazeka kwabo kugcine abanye sebengamaNtungwa-Nguni .Nabo abakwaMdletshe sebengaMantungwa -Nguni ize bezalwa kwaMthethwa .

Ukuvela kwesibongo sakwaMdletshe:

Isibongo sakwaMdletshe sivele ngokuthi omunye wabafana bakwaMthethwa ekhulelise intombazane. Uma beyibuza ukuthi ngubani oyikhulelisile yakhomba lowo mfana. Abadala bakhona kwaMthethwa base bethi udla etsheni, lowo mfana kwabe sekuthiwa unguMdletsheni

Abantu bakwaMdletshe akukho lapho sithola khona ukuthi bagcine bengasezwani nabantu bakwaMthethwa ngoba abanye baseMadletsheni bagcine sebengezinye zezinduna zakwaMthethwa futhi bagcina sebengamaqhawe esizweni sakwaMthethwa nasesizweni samaZulu.

Izindlu zakhona eMadletsheni[oMdletshe] ziphuma emadodaneni kaMdletshe uqobo lwakhe ozale uNgobo , uMnomo noSiziba .

Amaqhawe akwaMdletshe:

-UNgomane kaMqomboli

UNgomane wayezalwa nguMqomboli .UNgomane wabe eyindunankulu yenkosi yabakwaMthethwa inkosi uDingiswayo kaJobe kaKhayi .Wabe esembeka laphaya eSangoyana lapho akhe khona umuzi wakhe waseZisayini[Zisaleni] ‘Iklolodo’ elibomvu laseZisayini’ kwelakwaSomopho eBaThenjini. Phela izwe lwakwaMthethwa labe lilikhulu ngoba laligcina ngoMhlathuze .

‘Nguyena uNgomane owakhulisa iLembe kwaMthethwa waze wambuthela ebuthweni leZichwe futhi nguye owahamba naye esizweni sakwaZulu emveni kokukhuthama kwenkosi u-Senzangakhona kaJama nokufa kukaSigujana . USigujana wabulawa nguNgwadi owabe engumfowabo weLembe[inkosi uShaka].

Ngesikhathi kubusa iLembe kwaZulu, waba ngomunye wondunankulu balo iLembe efundisa amabutho izindlela zokulwa izimpi ngomkhonto owodwa [iKlwa]. Futhi-ke iLembe kalizange lihlasele abantu baseMadletsheni ngoba lalibathatha njengabantu bakubo lapho elakhulela khona kwaMthethwa njengoba kwakuyibo ababevikela umbuso wakwaMthethwa .

-Izibongo zikaNgomane kaMqomboli:

UNgomane waseZisayini

Umfuyi wamatshe adel’izinkomo

Isithukutheli esathukuthela

Sayozithela kanye nonina

Kithi kwaZulu

Zenyisa

UMzungulu hlozinga

Othekwakha

Wabhek’iSangoyana

IKlolodo elibomvu

Lakith’eZisayini

Isigawuli semith’emikhulu

Ingani emincane

Yayisala iziwela

Umganu owahluma

Emini kwaMandlakazi

Kwathi ebusuku wasuwohloka

Umgodi kawugcwali

Ungaze ugcwale ngezikhwebu

INguyazana yakithi kwaSobadli

Ebingabuki muntu

Yayithi ingambuk’umuntu

Kube sengathi

Ibuka isidladla sengwe

Kube sengathi

Ibuka isidladla sengonyama

‘Iklolod’ elibomvulaseZisayini

USimbatha buhlal’obumvu kwaZulu

Obungambathwa muntu

Babumbathwa inkosi kuphela:

Ibinda !

-UNgubhane kaNgomane:

Leli qhawe lakwaMdletshe labe lingumngane omkhulu weSilo uShaka. UNgubhane wafa ebulawa yiSilo saseMgungundlovu inkosi uDingane kaSenzangakhona ngoba sase sesibulala bonke labo ababezwana neLembe .Naye -ke umtaka Ngomane wawela kulolo gibe.

-UMfusi kaGubashe:

Elinye iqhawe lakwaMdletshe nguMfusi ,uSembethwa buhlal’obubomvu kaGubashe kaMnomo. Yena wayeyiqhawe leSilo sakwaNodwengu[inkosi uMpande kaSenzangakhona] owayethembeke kakhulu eSilweni sakwaNodwengu. Yena -ke leliya izwe walisikelwa uSimayedwa njengelanga[ISilo uMpande] .Lelo zwe izwe laseNhlwathi lapho wakha umuzi wakhe waseZibayeni namuhla sekubizwa ngawo isiteshi samaphoyisa eZibayeni .

Lapho-ke uMfusi wazala uMsushwana[iMboza\UThulwane ibutho lakhe] wamyisa eNdlunkulu kwaZulu ukuba ayofundiswa ngokuphatha isizwe: Futhi-ke uMsushwana wayehlakaniphe kakhulu. Wayesebuthweni elilodwa noJininindi kaNdaba [iSilo uCetshwayo] . Lona-ke ngesikhathi sekubusa iSilo sasoNdini laliphethwe nguMntwana wakwaMfemfe uHhamu[iNxandela]. Emveni kokuba sekuhambe uMfusi ekubeni indunankulu yeSigodlo saseMlambongwenya, kwaqhubeka yena uMsushwana : Kuleso sigodlo kwakuhlala undlunkulu uSongiya kaNgotsha wakwaHlabisa ozala iSilo uMpande. Ngenkathi yempi yaseNdodakusuka eyayiphakathi kwabantwana beSilo uMpande ,uMsushwana yena wayengasohlangothini loMntwana uCetshwayo ,emeseke njalo . Ngisho sekubusa sona iSilo sasoNdini wayelokhu ethembekile, akazange asihlamuke.

Kuthe emveni kokuthi inkosi yakwaMandlakazi [uZibhebhu kaMaphitha] ibhubhise izikhulu zakwaZulu esigodlweni oNdini lapho kwagwazeka khona iSilo sasOndini ethangeni saze sayofihlwa ngabakwaShezi –sedlulela eShowe. Kwathi iSilo sezibize izikhulu zaso ezasinda lapho sihlaselwa, naye wayekhona uMsushwana kaMfusi :

ISilo samdonsa nendlebe uMsushwana sathi lapho uDinuzulu efa khona naye uMsushwana makafe lapho .Nembala uMsushwana wafa efela iNdlunkulu ngesikhathi sempi yakwaCeza .Yathi uma isiphelile wacela eSilweni sasoSuthu ukuyobheka izingane zakhe eZibayeni,kanti iMboza laseZibayeni[uMsushwana] kalibuzanga elangeni ngoba kwasekunomsheshelengwana ababehambisana noZibhebhu abamtshela ukuthi likhona iMboza laseZibayeni . Balivimbezela balibulala,belibulalela ukuthi leseka iSilo sasoSuthu. Bakhuza i ‘ji’ futhi abakwaMandlakazi base benesaga sabo ababezwana ngaso bethi ‘Washesha’.

Zafika izindaba eSilweni sasoSuthu zokubulawa kukaMsushwana,zifika neShundu lakwaThambo uNdunankulu uMankulumana nomfowabo kaMsushwana uMavukefile. Kuthiwa sakhala kakhulu iSilo sasoSuthu sathi,’awu sebembulele ubaba’.Phela sasimthanda njengoyise. Lafa iqhawe lifela iNdlunkulu yakwaZulu.

Namanje abantu baseMadletsheni balokhu bethembekile njalo eNdlunkulu yakwaZulu njengoba nenyosi yeSilo esibusayo kunguBuzetsheni kaDlakudelwa kaQalenkomo.

Ubukhosi obukhona bakwaMdletshe ngobaseZibayeni obubuswa yiNkosi uBonga oke waba yilungu leSishayamthetho kwaZulu Natala.

Abantu baseMadletsheni :

-UMdletshe wazala uNgubo ,uMnomo noSiziba:

-UNgubo wazala uSode

-USode wazala uMlotshwa

-UMlotshwa wazala uTshana

-UTshana wazala uMqomboli

UMqomboli wazala uNgomane

-UNgomane wazala uNgubhane noDedema

-UDedema uzale uMasovalo

-UMasovalo wazala uNgqangi

-UNgqangi wazala uMusawenkosi

-UMusawenkosi wazala uMkhangeleni

INdlu kaMnomo [obusayo eZibayeni]:

-UMnomo wazala uGubashe [uMawewe]

-UGubashe wazala uManqaba noMfusi

-UMfusi wazala uMsushwana

-UMsushwana wazala uNtaminemidwa

-UNtaminemidwa wazala uMkhaliphi[uMkhayiphi]

-UMkhaliphi wazala uSiphosamadletshe neNkosi uBonga ebusayo

INdlu kaSiziba kwaCeza:

-USiziba wazala uNomzoyi

-UNomzoyi wazala uMpondo

-UMpondo wazala uNomqhamlashe,uMakhwebeza noNkowana

-UNonkowana noNomqhamlashe basala empini yasoBhalule

-UMakhwebeza wazala uNqekeza[uDududu] ,uQalenkomo[uMavukefile] noBhiniza

-UQalenkomo wazala uMpiyendoda,uNgikhawulani ,uDlakudelwa[uSombila] noThobelamakhafula

-UDlakudelwa wazala uBuzetsheni[iNyosi yeSilo samabandla],uMbhekiswana [inkosana],uBantubonke,uMndeni, uMuntungenacala uNhloko nabanye:

-UThobelamakhafuala wazala uZuku uChakide noMashayinyoni :

Izithakazelo zakwa-Mdletshe

Ngomane,

Wena kaMqomboli

Msindazwe,

Mfuyi wamatshe abanye befuya izinkomo,

Mfusi kaMawewe,

Wena waseZisayini,

Mnomo!

Dukuza,

Msindazibaya owasina eMangweni nasakoDonda:

Ibinda