Izithakazelo zakwa Sambo
Kwazulu-Natal
Sambo
Nomleti kamaDinane
Zonk’izizwe zithi
Mlete nina baka Nyoka
Eyakhwel’ emthini
IngenaziNyawo
Mcangcanyana.
Nina baka Nyathela
NgeziThende abanye
Banyathela ngezinzwane
Ovika Mkhonto abanye
Bevika ngeziNduku.
Nhlala mathunzini
MaNgophoza
Shwawu
William.