clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Sibiya

Izithakazelo zakwa-Sibiya

Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom’isengelwa emaweni,
Ingasengelw’esibayeni akuyon’eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy’esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini,
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!


Previous

Shange

Next

Xulu

15 Comments

  1. sibuyi and Mthunzi

  2. Ngabe usibiya uyakwazi ukuthatha ka Gumede?

  3. Ngicela izithakaselo zakwa Thango ngiyabonga

  4. Ngicela izithakaselo zakwa Thango ngiyabonga

  5. ngicela ukwazi ukuthi iziphi izibongo hambisana noSibiya

  6. UMnguni noSibiya bahlangana emlwandweni wokuthi uMnguni wazala uGumede, kwasekuthi uGumede wazala enye yamadodana akhe uZingelwayo. uZingelwayo ke nguyena okwavela ngaye isibongo sakwaSibiya. Kodwa ke abakwaMnguni nabakwaSibiya bayaganiselani, kanjalo nabakwaGumede nabakwaSibiya bayaganiselana futhi.

  7. Philani Gumede umlando wokuhlangana kwaSibiya nabakwaGumede uqala endodaneni kaGumede egamalayo kwakunguZingelwayo. UZingelwayo wayenomfowabo uZethembe. UZingelwaye wayenemfuyo eningi ngendlela yokuthi yayigwala esibayeni izephumele ngaphandle, ikake umuzi. yingakho ke kwazekwathiwa bangoSibiya ngenkomo ngenxa yezinkomo ezakekeleza umuzi kaZingelwayo. Isibongo sakwaSibiya savela ngendodana kaGumede uZingelwayo…

  8. This comment has been removed by the author.

  9. Lothjani
    Mina ngingu Hezekiel Sibiya ngikhuliswe ngesindebele ngenza nesiko lesindebele nobaba naye walenza kodwa ngimangazwa ukuthi ubaba wami wathi angithathi umtazana wakwaMathibela umathibela lindebele naye.ubaba akasaphili manje angazi iqiniso kahle ngami nabokhokho bami akekho obaziko ngibawa ukwazi ingabe usibiya yindebele na?

  10. uGumede wazala uZingelwayo benoZembethe. AbakwaSibiya bavela endodaneni kaGumede uZingelwayo. Uma ungase ufune umlando wokuthi uSibiya wavela kanjani, uzothola ukuthi indodana kaGumede uZingelwayo wayenezinkomo eziningi ngendlela yokuthi zazize zikake umuzi ngenxa yobuningi bazo. USibiya wavela ngesenzo esasenziwa yizinkomo zikaZingelwayo indodana kaGumede. Indodana kaGumede uZingelwayo yabangeyakwaSibiya ngenkomo kanjalo, savela kanjalo isibongo sakwaSibiya. kahle kahle abakwaSibiya bangabazukulu bakaGumede.

  11. Ngcela ukwazi ukthi uMnguni uyangena yini koSbiya

  12. Ngicela ukwazi ukuthi uqala kuphi umlando ohlanganisa oSibiya nesibongo sakwaGumede njengesithakazelo sabaKwaSibiya?

  13. siyabonga izthakazelo

  14. syabonga kakhulu ngiyazthokozela izthakazelo,nami kukhona ebengingazai

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: