Izithakazelo zakwa-Sibiya
Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom’isengelwa emaweni,
Ingasengelw’esibayeni akuyon’eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy’esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini,
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!
Unknown
Lothjani
Mina ngingu Hezekiel Sibiya ngikhuliswe ngesindebele ngenza nesiko lesindebele nobaba naye walenza kodwa ngimangazwa ukuthi ubaba wami wathi angithathi umtazana wakwaMathibela umathibela lindebele naye.ubaba akasaphili manje angazi iqiniso kahle ngami nabokhokho bami akekho obaziko ngibawa ukwazi ingabe usibiya yindebele na?
Unknown
uGumede wazala uZingelwayo benoZembethe. AbakwaSibiya bavela endodaneni kaGumede uZingelwayo. Uma ungase ufune umlando wokuthi uSibiya wavela kanjani, uzothola ukuthi indodana kaGumede uZingelwayo wayenezinkomo eziningi ngendlela yokuthi zazize zikake umuzi ngenxa yobuningi bazo. USibiya wavela ngesenzo esasenziwa yizinkomo zikaZingelwayo indodana kaGumede. Indodana kaGumede uZingelwayo yabangeyakwaSibiya ngenkomo kanjalo, savela kanjalo isibongo sakwaSibiya. kahle kahle abakwaSibiya bangabazukulu bakaGumede.
Unknown
Ngcela ukwazi ukthi uMnguni uyangena yini koSbiya