Izithakazelo zakwa-Sibiya
Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom’isengelwa emaweni,
Ingasengelw’esibayeni akuyon’eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy’esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini,
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
Ngicela ukwazi ukuthi uqala kuphi umlando ohlanganisa oSibiya nesibongo sakwaGumede njengesithakazelo sabaKwaSibiya?
siyabonga izthakazelo
syabonga kakhulu ngiyazthokozela izthakazelo,nami kukhona ebengingazai