Abakwa Khumalo

Abakwa Khumalo, Mabaso no Nkosi bazalwa ngu Mntungwa ka Mbulazi. U Mabaso wabe emdala.
U Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi wazala uMkhatshwa owazala uZikode owazala u Gasa no Mashobane.
U Zikode wazala uMagugu, Donda, Siwela owazala uMlotshwa.
U Magugu wazala uNkonyeni owazala uMtekuza owazala uMazungezi yena owazala uMandlalela.
U Mashobane wazala uMzilikazi.
U Mzilikazi wazala uMangwana no Nkulumane owazala u Nokhenke owazala uNdlukayise owazala u Velaphi John Nombengula Thobela.
Nansi enye inzalo yakwa Khumalo:
Ndabezitha, Mashobane, Mzilikazi, Ngonyama, Nyandeni, Khukhuza, Ngwadla, Maweni, Macala, Zwangendaba, Msweli, Seni, Mbawu, Phungaza, Gwamanda, Muthwa, Mbulazi, Khulu, Zikode, Gawozi, Bheje, Nyathikazi, Mzazela, Shembe, Lobengula, Gasa, Mkhatshwa, Mawela, Nkomo, Ntokela.
Amanye walamagama agcina eyizibongo kanti amanye agcina engamagama nje.

More about Abakwa Khumalo

Educational videos


๐Ÿ” SEARCH ๐Ÿ”+ ADD CLAN NAMESโ–ถ UTube Channel

48 thoughts on “Abakwa Khumalo”

  1. ngicela usizo zihlobo abadala kimi endlini yakwethu bathi singabakwaMabhena bathi ngokubana uMzilikazi ebuya lapha kweleZimbabwe okhokho bethu bazintshintsha bazithi ngoMangena.bengabe bekhona na abangakwazi ngoNdatshela,kumbe uBebela ngoba they were one of Strong ibutho likaMzilikazi laseMakhanda

    Reply
  2. Londy khumalo ngicela izithakazelo zakwa Moyane

    Reply
  3. Nami ngyafisa ukwazi ezakithi izithakazelo zakaMalevu mawkuthi uyakwaz ukuzibheka izithakazelo

    Reply

Leave a Comment