Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Isibongo sakwaMiya savela ngoMiya kaMtiti wokuqala (Mzizi). Laba bantu bakwaMiya babuye baziwe ngokuthi bangabantu baseMazizini noma bangaMazizi.

Lokho-ke kususelwa egameni likayise kaMiya, uMtiti. Lesi sizwe saseMazizini sithe chithi saka cishe iMazansi iAfrika yonke, siyathilakala kwelikaMthaniya, eSwazini,eMabhaceni, kwaMthwakazi kanye nalena koMzimba eMalawi ngaphansi kubukhosi bukaNgwane Maseko.

Ngesikhathi iNgonyama uShaka ihlanganisa izizwe lesi sizwe sakwaMiya β€Žsasakhe kusukela ngasesiyalwini soThukela(Mount -Aux -Sources)ngaseBergiville ,phansi kwezintaba zoKhahlamba nokuyilapho sisazinze khona nanamuhla kuze kuyofinyelela endaweni ebizwa ngokuthi iGiant Castle eduze kwesizwe sakwaMazibuko eMangweni.

Lesi sizwe sakwaMiya sasibuswa inkosi uXuza nokwathi ngemuva kokukhothama kwakhe kwabusa inkosi uMagangana. Sasakhelene naMaZolo (esisazobuye sixoxe ngawo) ayedume kakhulu ngokukhanda izinduku ezinhle zasebukhosini. Inkosi uMagangana yakhothama ibulawa nguSiphika Myeni wesizwe sakwaMyeni esasiqhamuke phezu kwezintaba zoKhahlamba sagcina sizinze eMkhanyakude lapho izizwe zakwaMyeni zikhona zikhona namuhla. USiphika waqola izinkomo zaMazizi wangakha lapho ngemuva kokubulala inkosi uMagamgana Miya.

Enye inkosi eyagqama kakhulu kwaMiya, igqanyiswa ukuziqhenya inkosi eyayibusa enye ingxenye yaMazizi eyayizinze ngaseMtshezi lapho sesitimela khona, eDrayccot. Leyo nkosi uDweba kaGwili.

Amakhosi aMazizi ngaseMtshezi alandelana kanje

Henqwa

Mkhuli

Makhuluza

Dlangamandla

Gwili

Dweba

Inkosi uDweba nayo yabusa ngesikhathi seLembe. (Mathathu amakhosi aseMazizini abusa ngesikhayhi seLembe.)Kuthiwa kwakuthi β€Žuma iyozikhulula endle ithi makwendlalwe amacansi aze afinyelele lapho eyayiyozikhululela khona ukuze izinyawo zayo zingezukuthinta phansi enhlabathini.

Nempela aMazizi aqhubeka nokwenza lokhu ngazo zonke izikhathi nxa iyozikhulula. Kuthiwa ayigcinanga lapho inkosi uDweba, kuthiwa yagcina inqume ukuthi aMazizi ayendlalelwe amacansi eyayizohamba kuwo ngisho noma iyokhuluma izindaba zesizwe ebandla. Yayiphuma endlini yayo sekwendlwalwe amacansi ihambe phezu kwawo ize iyofika ebandla.

Kuthiwa langa limbe kwaqhamuka impi yenkosi uMatiwane kaMasumpa eyayikade ibalekela impi yeLembe yazithela esigodlweni saMazizi,kwagcina kuliwe enkulu impi. Impi yenkosi uMatiwane yayimandla vele kuneyenkosi uDweba, ngalokho-ke yahlulwa eyenkosi uDweba.

Inkinga eyavela ngeyokuthi inkosi uDweba ayikwazanga ukubaleka ngoba izinyawo zayo zazithambe kakhulu, ngoba zazingajwayele ukunyathela emhlabathini. Kwadingeka amadoda ayizidlakela aseMazizini ukuthi azame ukuyithwala abaleke nayo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. β€ŽLawo madoda awakwazanga ukugijima nayo ibanga elide, zagcina ziwaficile izinsizwa zaseMangwaneni, zawathunga wonke ngemikhonto afa wonke, nenkosi uDweba nayo ayisindanga.

Elinye iqhawe laseMazizini elagqama kakhulu nguMphumane Miya owabe eyinyanga yeSilo uMzilikazi kaMashobana.

Uyakhumbuleka uMphubane Miya ngenkathi iNkanyamba yaseNdinaneni ibulala inkosi uMagodongo Mahlangu kwaNdebele. Kuthiwa inkosi uMagodongβ€Žo yayinhke kakhulu emilingweni,ingena nesikhuni sivutha emanzini iphinde iphume naso sisavutha. Kuthiwa abahlali bakuleya ndawo yakwaNdebele basexwayisa iSilo saseNdinaneni ukuthi singalinge siyihlasele inkosi uMagodongo ngoba iyingozi kabi ezintelezini.

Kodwa lokho akuzange kwehle kahle kuMphubane, wazama ngazo zonke zindlela ukuqeda amandla enkosi uMagodongo. Kuthiwa langa limbe uMphubane wakhokhoba walandela inkosi uMagodongo ngenkathi iya endle iyozikhulula,wafika weba ucezwana lwendle yayo wayulusebenza ngemithi yakhe yaseMazizini.Awu! Pheliyane amandla kuMagodongo! Kuthiwa wonke amandla aphela kuMagodongo. Nguyena owayesenhena nesikhuni sibutha esizibeni samanzi aphune naso sizavutha. Esebona lokho umfoka Mashobana waphaka enkulu impi eyabulala inkosi uMagodongo.

Ake ngime lapho nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe!β€Ž

Source: indabukoyakho