Abakwa Mthethwa

Umlando omfushane ngabakwaMthwethwa oNyambose:

Abantu bakwaMthethwa bangama Lala-Nguni, bazinze ezindaweni zako Mpangeni nase Mtubatuba, Showe nase Richards Bay. Inkosi yabo eyaduma kakhulu uGodongwane owagcinwa ebizwa ngoDingiswayo. Nguye owamukela uShaka futhi wamfundisa namacebo okulwa. Isizwe sakwa Zulu sabe singaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa ngeminyaka yo 1700.
Nanka amakhosi aziwayo akwaMthethwa:

1753———-Xaba
1771———-Madago
1789———-Khali
1807———-Jobe
1816———-Mawewe
1818———-Godongwane/Dingiswayo
1824———-Somveli
Ukusuka lapho babe sebengena ngaphansi kombuso wesizwe sakwa Zulu emva kokuba uShaka esisimamisile.

Izibongo zakwa Mthethwa zihamba kanje:

Nyambose, Xaba, Jobe, Magaga, Thulisa, Nkonyane ye Nkosi, Hlangalezwe, Dingiswayo, Madagu, Nkomo, Khubaze, Khali, Magezangobisi, Nzimezimnyama, Geza, Jakada, Maphoswa, Mazilwa, Mbolwane, Shwabade, Nonkosi, Mlandela.

Β 

More about Abakwa Mthethwa

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

102 thoughts on “Abakwa Mthethwa”

  1. Mina engingakuphawula ukuthi asinalo ulwazi olugcwele kahle ngoba baningi abantu abahlobene noMthethwa .ngoba uMthethwa bekuyisizwe esikhulu kakhulu . Ngoba abanye bathi uCele waxebuka kuMthethwa kodwa uCele akamuphathi uMthethwa ezithakazelweni. Lento ithi sonke sihlobeni kulelize umuntu bakashele noma ikuphi ashiye lapho kuyisibongo fana kuphela ,nina nibona kanjani BoDingiswayo ?

    Reply
    • Thami, siza kucwaningo lwakho ithini imvelaphi ka Ngwazi nobudlelwane bakhe no Mthethwa, ngiyayizwa le eka Cele kodwa sengathi ayiphelele kukhona la kushoda khona. Siza mfowethu. thina satshelwa ukuthi sabakwa MTHETHWA.

      Reply
    • Yebo uCele owakwaMthethwa kodwa wacela ukphuma inxiwa, kuthiwa wayesekhishwa ngeslwane.

      Reply
  2. Please people ukhona umuntu onomlando yakwaNyaba kuyiqiniso ukuthi abakwaMthethwa

    Reply
  3. This is a good site. I grew up in Mpumalanga in my mother,s family. Bengazi ukuthi mthethwa nyambose jobe masondo. But now you have widened my knowledge on my background

    Reply

Leave a Comment