AmaMpondo

AmaMpondo angaMambo futhi ayisende lika Sibiside, angabazukulu bakhe. Okusho ukuthi isizwe samaMpondo nesamaMpondomise siphuma kuSibiside waseMbo kwaMkhize.

Usibiside wayenenqwaba yamadodana okubalwa kuwona uShange, uMavovo kanye namanye. Kwakukhona namawele okwakungu-Mpondo kanye noMpondomise. Angeke sigxile kakhulu kulawa amanye amadodana akhe uShange kanye noMavobo abagcina nabo sebephume eceleni bazakhela izizukulwane zabo zagcina sezizibiza ngamagama abo okwaba izibongo. Sizogxila ngapha kuMpondo kanye no Mpondomise.

UMpondo iwele lika Mpondomise waba inkosi yokuqala okwenza isizwe samaMpondo sagcina sesizibiza ngaye. AmaMpondo akhuluma ulimi lwabo oluthanda ukuhluka namaXhosa olubizwa ngokuthi isiMpondo sincike kakhulu esiZulwini.

Indlu yakwaMpondo ibizwa ngokuthi isekuQawukeni le, eLusikisiki.

Khumu Nina beSilo besisika elijikayo, esizama ukukuvela ubuhlobo phakathi kwamaMpondo nabantu KwaMkhize.

Ngokuzayo sizokhuluma ngamaMfengu abafuduka kwaZulu ngezimpi zeLembe iMfecane (1820-1835)