Amangwane, Hlongwane, Khanyile

Hlongwane
Sangweni, Ngwane, Masumpa, Ngwadi, Matiwane, Masingasileka,
Nduku Zinobulongwe,
Ngwane ongaweli ngezibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Zikhali azilingani nezama xhegwana,
Mdungude, Siyane, Nqobokazi, Songobese, Gwembeshe, Mzamo, Zikhali

Khanyile
Sogoni, Sthopho othi udlinkomo kanti udlimpisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu olwavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithi ukuvuma ukulandula,
Ntunjwa ka Langa,
Mthiyane, Ndwandwe, Zikode, Mabhuqa, Ngwane

Amakhosi Amangwane ngokulandelana:
Somkhabase;
Mafu;
Matiwane;
Ngwadi;
Ndungunye;
Ngwane;
Tshani;
Masumpa;
Zikhali;
Ngwane;
Bambazi;
Ndungunye;
Tshanibezwe;
Maswazi (Ibamba)
Menzi

Ubukhosi
1. Alfred Mzondeni Hlongwane (Bulwer)
2. Mboneni Absolom Mavuso (St. Lucia)
3. Menzi Hlongwane (Bergville)

Other Amangwane are found in Swaziland, Lesotho, Eastern Cape, Free State, Mpumalanga and all over South Afrika, Afrika and the world.


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

40 thoughts on “Amangwane, Hlongwane, Khanyile”

  1. Uma ubuka uhla lwamaKhosi eBergville siyabona ukuthi kunamaKhosi amabili angabaliwe. Kumele abe lishumi nesithupha ngoMenzi, singalibali ibambela elinguMaswazi.

    Reply
    • Dlabantu/ Dlabathi ka Sokhabase
      Nsele ka Ndungunye

      Reply
  2. Ngabe khanyile uhlobana kanjani nomwelase

    Reply
  3. It is incorrect that Mzondeni is iNkosi yamaNgwane in Bulwer. Ubukhosi basemaNgwaneni eBulwer bumi kanje:

    1. Mkhumbeli kaMasumpa (brother to iNkosi Matiwane)
    2. Mboni
    3. Thende
    4. Vasha
    6. Folo (ebambele uMzobe owayesakhuliswa)
    7. Mzobe
    8. Sifiso David Fawu Hlongwane

    Reply
    • Sithanda ukubonga kwi Ingwane Phaqa ngokulungisa amaphutha. Lapha siqoqe ulwazi uluku ‘public domain’ with the aim of trying to preserve our African Heritage. We will be very happy if ppl do corrections where we erred.

      Admin.

      Reply
    • Mfowethu. Please help me understand, why do amaNgwane have 3 competimg chiefs in kzn?

      Reply
      • Mf2 ngizophawa ngobukhosi ubuseBulwer ngenkath inkosi umatiwane isixakwe impi eyayingasapheli eCape bathi umatiwane wahlehla namabutho akhe,ngenxa yokukhathala kwabanye babantu bakhe,babe sebesala eBulwer,bakhetha omunye wakwaHlongwane,wababusa ukuvikela ukuth umatiwane nayebuya angababulali ngoba babazi ukuth uyinkosi enamandla

    • iNgwanePhaqa mfowethu ngizithola ngifaka futhi ngamukela zonke izithakazelo zakwaNgwane. Kodwa ngokuzwa kahle uNgwane lo oyimi unguMswati…ungangelekelela lapho?

      Reply

Leave a Comment