Amangwane, Hlongwane, Khanyile

Hlongwane
Sangweni, Ngwane, Masumpa, Ngwadi, Matiwane, Masingasileka,
Nduku Zinobulongwe,
Ngwane ongaweli ngezibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Zikhali azilingani nezama xhegwana,
Mdungude, Siyane, Nqobokazi, Songobese, Gwembeshe, Mzamo, Zikhali

Khanyile
Sogoni, Sthopho othi udlinkomo kanti udlimpisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu olwavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithi ukuvuma ukulandula,
Ntunjwa ka Langa,
Mthiyane, Ndwandwe, Zikode, Mabhuqa, Ngwane

Amakhosi Amangwane ngokulandelana:
Somkhabase;
Mafu;
Matiwane;
Ngwadi;
Ndungunye;
Ngwane;
Tshani;
Masumpa;
Zikhali;
Ngwane;
Bambazi;
Ndungunye;
Tshanibezwe;
Maswazi (Ibamba)
Menzi

Ubukhosi
1. Alfred Mzondeni Hlongwane (Bulwer)
2. Mboneni Absolom Mavuso (St. Lucia)
3. Menzi Hlongwane (Bergville)

Other Amangwane are found in Swaziland, Lesotho, Eastern Cape, Free State, Mpumalanga and all over South Afrika, Afrika and the world.


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

40 thoughts on “Amangwane, Hlongwane, Khanyile”

  1. Mina ngazi ukuthi inkosi uMatiwane wanqunywa ikhanda endaweni namhlanje okuthiwa iMatiwane Skop amamabutho kaShaka ngesikhathi sikaShaka akha umbuso kaZulu.

    Reply
  2. Mina ngizwakalisa ukubonga kakhulu bafowethu ngemfundiso enisipha yona. Thina ekhaya sazalwa siyi s’thupha amantombazana nomfana oyedwa, bashona abazali naye umfethu nentombazana. Manje simantombazane amahlanu. Yasinceda i techno… yasipha nina. Nkulunkulu ngathi anganibusisa ngokuphindiwe. nginomona ngalesi sibongo. HLONGWANE,SANGWENI.

    Nisale neNkosi

    Reply

Leave a Comment