Hlongwane
Sangweni, Ngwane, Masumpa, Ngwadi, Matiwane, Masingasileka,
Nduku Zinobulongwe,
Ngwane ongaweli ngezibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Zikhali azilingani nezama xhegwana,
Mdungude, Siyane, Nqobokazi, Songobese, Gwembeshe, Mzamo, Zikhali
Khanyile
Sogoni, Sthopho othi udlinkomo kanti udlimpisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu olwavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithi ukuvuma ukulandula,
Ntunjwa ka Langa,
Mthiyane, Ndwandwe, Zikode, Mabhuqa, Ngwane
Amakhosi Amangwane ngokulandelana:
Somkhabase;
Mafu;
Matiwane;
Ngwadi;
Ndungunye;
Ngwane;
Tshani;
Masumpa;
Zikhali;
Ngwane;
Bambazi;
Ndungunye;
Tshanibezwe;
Maswazi (Ibamba)
Menzi
Ubukhosi
1. Alfred Mzondeni Hlongwane (Bulwer)
2. Mboneni Absolom Mavuso (St. Lucia)
3. Menzi Hlongwane (Bergville)
Other Amangwane are found in Swaziland, Lesotho, Eastern Cape, Free State, Mpumalanga and all over South Afrika, Afrika and the world.
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
MaZulu amahle, angiqale ngokubonga umthombo wolwazi enithelelana ngawo. Elami igama uGugulethu Mbokazu. Bengicela uma ekhona onolwazi olunzulu ngemvunulo yamaZulu, athi ukushiyelana nami ngokuthi angendlalele yona nangokuhloba kwayo. Ngifisa ukwazi nokuba nesiqiniseko soukthi uma ngithi ibheshu, ngibe ngiqinisekile, izinjobo, njalo, njalo
Nami ngyacela ukbuza ukuthi njengoba thina singoKHANYEZA n sithakazela sithi Ngwane siqhubeke ngabe ukhonah onolwazi ngalesbongo?
thina siyibo Ohlongwane kodwa izithakazelo zethu ziphumekakhulu kunalezo engijwayele ukuzizwa nezisohleni ngenhla. inkinga ukuthi omkhulu basuka kunezimpi eBergiville manje akekho owaziyo ukuthiu sasuka kusiphi isigodi. loko kwenza ukuba kushintshe ngisho izithakazelo mangingasho nje esisodwa siye sithi Hlongwane , muku gqamu……loku kungenza ngingazitholi ngihlobana namanye amangwane ngendlela efanene. sisani kwakungumuphi unyaka wezimpi emangwaneni futhi iziphi mhlawumbe izigodi ezazilwa.
Kwazi Hlongwane
NdingumXhosa xho ongangxengwanga mna ndingu Hlongwana nam imfolozi ezimnyama nezimhlophe ezawela ulundi kwatsho kwazi ndlela ndlela,osiwela,oozitha,iintlanzi,omasumpa,osangweni,amaswazi
Celubuza ziyathunge lana ezi ziduko
EmaNgwaneni, bendicela ukubuza, ingaba kuyingxaki na uba mawulingwane uzibize ngazo zonke izibongo zamangwane, uba kunjalo yintoni ebanga lanto, kuba ke isihloko sithi Ngwane.