Izinkondlo Zothando:UYONGIKHUMBULA Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke, Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,Uyongikhumbula ngephimbo lami,Ebelikuhayel’ izinkondlo zothando ngemizwa yami,Uyolikhumbul’ iqiniso lengqondo yami,Uyowakhumbul’ amaceb’ emicabango yami,Ebikad’ ikucushis’ ezincingweni zemicabang’ engcolile,Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke, Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,Empilweni yakh’ uyofikelwa usizi nokubalisa,Ngalamazw’ uzothi ngiyakuqalekisa,Kodwa ngizam’ ukudlulis’ usizi lwemizwa yam’ ebhekene nokujeziswa,Bengizimisele ngokukunik’ uthando
Izinkondlo ELABO
Izinkondlo ELABO ELABO leli izwe lawo BABAMKHULU,izwe lawo KHOKHO bethu,nami ngazalelwa kulo leli,kwelamakhehla nezinkehli,ngivumeleni ngibubulengidedeleni ngisukume,ngibabongele,ngibahayel’ emnand’ ebhalwe umzukulu,ze ngishushuzel’ amanxeb’ aneminjunju,LEL’ ELOBABA, LEL’ ELOKHOKHO,masinambithisis’ impil’ enoju lawoKHOKHO .
Izinkondlo Zothando Ezimfishane
Izinkondlo Zothando Ezimfishane Olwami uthando olwamahhalaLukhululekile, luyakukhululaUkuthi ube yikho lokhoOfisa ukuba yikhoNoma kune nxenye yamiEngathanda ukuthi ikugigeIkugigele esihlakaleni sesandla samiIbuye ikwemboze Ngezintende zezandla zamiOkwetshe le rubhi* noma ubuhlaluBeqophelo eliphezuluUkuze ngiku vikeleNgibambelele kuweUngalahleki nangengoziUngalahleki nangenhlosoNgingakugiga nje kuphelaNgokuthi Ngikugigele ekhanda lami Ngemicabango yokucabanga ngaweNgenhliziyo ngikwembozeNgemizwa yoku langazelelaKodwa ngikukhululeUkuthi ukhululekeUkungephula inhliziyoNgabe luyini kanti
Izinkondlo Zothando : Imfihlo, yaziwa yimi nawe
Izinkondlo Zothando : Imfihlo, yaziwa yimi nawe Imfihlo, yaziwa yimi nawe Phansi ekujuleni kwenhliziyo Ngaphansi ezinzulwini zezibilini Lapho ngifukamele khona uthando Kwagadla imfihlo yonyazi Kwangathi kugadla unyazi uqobo Maqede yaphela imizwa yothando Imizwa yothando lomunye umuntu. Imfihlakalo yaloluthando yaziwa yimi nawe Ngiyayizwa intokomalo kwinhliziyo Maqede ngezwa izinyembezi Ngithi lapho ngizama ukuzibamba
Inkondlo yothando ?????? Sthandwa Sami
Inkondlo yothando ??????Sthandwa SamiSengikhona ngingangawe,Woza mtaka mama,Woza ethafeni lokuhlangana kwethu,Lapho okushaya khona umoya opholile,Laphokuhlanganisekhona umculo wezinyoni ezicikoza kamtoti okokhokho bazo,Nowezinyosi Ezizingela impova namanzi oju,Woza sithamundelane izindaba zothando olumingezinyawo oludlula iziqongo,Sixoxe kunganyakazi zindebe zomlomoOdlulayo nobukayo angibuke angibone ngisenhlameni yenomfi,Kanti ubuso bami nokuzithoba kwami yikhona okumshaya ngemfe ephindiwe,Wozake mtaka mama ngikugqolozele ungigqolozele
Izinkondlo Zothando Ezimfishane
Izinkondlo Zothando Ezimfishane ThandoThando usungehlule,Inhliziyo yam lungehlulImpilo yamNgiyadabuka,Kusasa lam ngiya dabuka,Thando usungehlule, Abantu bagcina basebenzise ubuthi ngenxa yakho Thando,Ukwazi kwenz’umuntu azibone ayisehluleki uma asehlulekile umaqondana,Wena ukwazi ukuthand’umuntu ngaphandle kwemvumelwano phakath’kwakho nenhliziyo,Uthanda lapho Obana khona ukuthi kunezitha zam,Thando waba njani? Usungaze uphukwe inhliziyo?Usungaze ushintshe izimpilo zabantu,Usungaze wenze I stress sokuthi Ahluleke
Izinkondlo Zothando : Mama wam
Izinkondlo Zothando : Mama wam Mama wam Uyisipho senhliziyo yam engay’phiwa ngumdali, Uyisibani senhliziyo yam, Ngyabonga mama wam, Ngiyaziqhenya ngawe, Uyiqhawe lamaqhawekazi, Uyikho konke kim, Ngyabonga mama wam, Wangithwala izinyanga eziyisishiyaga lolunye ngesisu sakho, Ngangingaba yini ngaphandle kwakho? Wangincelisa ubisi lwebele, Ungihambisa kodokotela uma ngigula, Wena mama uyisibani esikhanyisa ikhaya uma
Izinkondlo Zothando
Izinkondlo Zothando InkondloNgibhala lenkondlo,Ngibhala lenkondlo ngedlulisa umnyalezo kulona othile osenhlizweni yam igama lakhe ligodliwe,Ng’yabonga thando ngokung’nika uthando olungaka,Usungaze ufunge uthi ng’yahlanya,Ngihlanyiswa nguwe thando,Thando uyang’hlanyisa, Thando ujabulisa inhliziyo yam,Angikwaz’uk’lala ng’cabanga wena,Ngyehlulek’ukudla uwena osenqondweni yam,Uma ngicabanga nguwe ofika kuqala enqondweni yam kubobonke abantu engike ngahlangana nabo phambilini,Uyithemba lamathemb’amiUyithemba lami,Uyisipho senhliziyo yam,Ngiphele uma
Izinkondlo Zothando: Nomalwandle
Izinkondlo Zothando: Nomalwandle Sekungaze kufe umuntu,Abulawa nguthando olungaboniNgathanda wena nomalwandle ngoba ngiz’misele ngawe,Akekho wang’qhuba ngenkani, Ngangik’thanda kodwa wena wakhetha ukwephula inhliziyo yam,Ngangiz’tshela ukuthi uyang’thanda kanti uyang’maketha,Nam ngase ngizitshelile ukuthi abalwa nawe nam ng’yokulwela,Uyakhumbula ung’khalelaUngtshela ukuthi abantu bathi kukhona omunye eng’naye oseceleni,Ngak’buza ukuthi ukholwa ngabantu?,Ngendlela engangik’thanda kodwa wangphoxo,Hamba juba bayokuchutha phambili,
Izinkondlo : NGANGINGENJE
Izinkondlo NGANGINGENJEsengiyabonga mhlaba ngidelile,okwenze kimi ngikubonile,izigameko zakho zingimoshile.sengicela ukuthula ngaphakathi,anginandaba noma bengathi bethini,okwasemhlabeni mina kungithintile,Kanye nempilo yona ngiyiphilile.awu mhlaba uyahlaba, mina ngihlebele imfihlo yakho,ngaba nenjabulo yesikhashanawena owabona umuntu ewine imali.ngahlala ngibalisa njalo,ngahlala ngibala izinto engabe ngizenzile,ukube wena awuzange ungidonsele ophathe.bengingunobuhle ngakihi,ngiyinkanyezi yemvelo, ngilapha izinsizwa ngobuhle bami,ngikhumbuza amakhehla ebusheni babo.bengimuhle ngifana