Surname Meaning, History, Clan Names & Latest News

Izithakazelo Umlando Clan names Iziduko

Dlamini Sibalukhulu history

Dlamini Sibalukhulu history

Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele ngomlando wakwaDlamini. Okuningi kwalahleka, kodwa kukhona okwagcineka okuncani esikwaziyo ngabakwaDlamini.

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa. AbakwaDlamini bayatholakala kulolonke leli laseNingizimu ye-Afrika.

Ababhali abaningi bayaphikisa ngalomlando ngoba emuva le akusacaci kahle ukuthi umlando wabakwaDlamini uhamba kanjani…

Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Bakhona ke nabanye ababhali abawulanda ku MuMbo. Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. OoDlamini abehlukananga, bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene: amaSwazi, amaZizi, amaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge…

Omunye wababhali balomlando wakwaDlamini, u Siyabonga Jama Mviko ubhala kanje:

“Sengiyibhekisise kahle indaba yakwaDlamini, cha! Abantu bakwaDlamini bonke bazalwa ndawonye. Bakhona esingabatholi kahle umlando wabo kodwa bonke ekugcineni basuka esendeni elilodwa.

Behlukaniswa ipolitiki yomndeni nokuhlakazeka ngokwanda kwabo kanye nezigameko ezithile. Abanye kubonakala ukuba abazange balandwe oyise ababazalayo basala ezizweni kanti abanye bazalwa amadoda akhishwa ekhayeni ngebanga lemikhuba thizeni!

Abantu bakwaDlamini ngokwezizwe zabo:

AmaZizi
EmaLangeni
abakwaSibalukhulu
UDlamini-Latha
AbeNtungwa

 

source: zuluculture dot co dot za

Izithakazelo zakwa Dada 🔥

Dada, 💖 Dlamini, Sibalukhulu, Magaduzela, Mndlovu, Mabonelempunzini, Fodokanombewu, iNkosi ayiqedwa !

Izithakazelo zaMampondo akwa Gcuda ❤️

Izithakazelo zaMampondo akwaGcuda Yekana Doyi Sikha Mntshontshose Mzi wokuzenzela Umphunguli wembiza Kuba kuthiwa bayarhala bengerhali

Previous

Sinanatelo saka Dlamini

Next

Imvelaphi yakwa Dlamini

2 Comments

  1. Ngwane

    Mina ngizalwa isizukulwane sikamahlanyane bathi nonyanga but i was born in south africa what happened to my history

  2. Ngibingelele kosomlando. Bengicela ningicacisela ngoDlamini Sibalukhulu ukuthi ungubani uzalwa ubani namadodana akhe ngokunjalo, ngifisa ngokwazi ukuthi wayezinzephi ngokuhlala kanjalo namakhosikazi akhe nokuthi wayephila ngamiphi iminyaka, ngiyabonga

Leave a Reply

Your email address will not be published.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: