izithakazelo

Izithakazelo zakwa Hadebe Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Hadebe

  • Hadebe,
  • Bhungane,
  • Bhungane kaNsele,
  • Zikode, Gob’izembe,
  • Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
  • Umkhulu Bhungane,
  • Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
  • Mthimkhulu,
  • Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
  • Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
  • S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi
  • iyamujamela,
  • Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
  • Ingab’emhlabeni zesabani?
  • Nina enindlebe zikhanya ilanga,
  • Nina enindlebe zinhle zombili,
  • Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde uyakhothama,
  • Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
  • Mahlubi amahle,
  • Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
  • Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
  • Ngelengele!

Popular people from Hadebe last name

Phakamani Simphiwe Hadebe (Finance/Energy)
Independent Non-Executive Director at Coronation Fund Managers Ltd since October 2020. Former Group Chief Executive of Eskom Holdings SOC Ltd (June 2018-July 2019). Previously CEO of Land and Agricultural Development Bank of South Africa until January 2015. Holds MA in Economics from University of Durban-Westville and MA in Rural Development from Sussex University. [citation:3]
Siyabonga P. Hadebe (International Relations/Diplomacy)
South African diplomacy and foreign policy expert featured in @Diplomacy_Sa publication alongside prominent diplomats. Recognized for contributions to international relations and development policy. [citation:10]

Previous

Gwamanda Clan Names & Surname History

Next

Hlabisa Clan Names

6 Comments

  1. Ndlubu ezaMila ebubini bama doda! Ndlebe-zinhle zombini ezikhanya iLanga! Nina enigawula imithi emincane ngoba emikhulu ivele iziwele! Nina enashwabadela iNkomo nezi mpondo zayo!Bhungane wenza ngaku ningi!!

  2. Ndlubu ezaMila ebubini bama doda! Ndlebe-zinhle zombini ezikhanya iLanga! Nina enigawula imithi emincane ngoba emikhulu ivele iziwele! Nina enashwabadela iNkomo nezi mpondo zayo!Bhungane wenza ngaku ningi!!

  3. Molweni, ndinombuzo, I'm Xhosa and iziduko/izithakazelo zam are similar to abakwa Hadebe, isbongo sami nguNongogo instead of Hadebe thina sibiza uRadebe, singoBhungane omthimkhulu… So umbuzo wam is, are these two people related ngokwesintu?

    • Bhungane

      Radebe and Hadebe is one and the same thing. We are neither Xhosas or Zulus. Singama Hlubi! That’s the beauty of izithakazelo okanye iziduko, through them we are able to tell that we are related.

  4. Makhulukhulu!! Kunjalo nje Ngelengele. Izithakazelo azishintshwa. Sizamukela njengoba zinjalo nje ngoba singagcina singasazazi kwathina imvelaphi yethu. Phambili maBhungane amahle!

  5. MaHlubi amahle,,,,Makhulukhulu,,,aibo ngyaphela lapho.engikthandayo ngani ukuthi navela eZulwini impela u Nkulunkulu unani.

Leave a Reply to supergrassa Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

© 2026