izithakazelo

Izithakazelo zakwa Hadebe Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Hadebe

  • Hadebe,
  • Bhungane,
  • Bhungane kaNsele,
  • Zikode, Gob’izembe,
  • Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
  • Umkhulu Bhungane,
  • Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
  • Mthimkhulu,
  • Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
  • Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
  • S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi
  • iyamujamela,
  • Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
  • Ingab’emhlabeni zesabani?
  • Nina enindlebe zikhanya ilanga,
  • Nina enindlebe zinhle zombili,
  • Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde uyakhothama,
  • Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
  • Mahlubi amahle,
  • Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
  • Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
  • Ngelengele!

Popular people from Hadebe last name

Phakamani Simphiwe Hadebe (Finance/Energy)
Independent Non-Executive Director at Coronation Fund Managers Ltd since October 2020. Former Group Chief Executive of Eskom Holdings SOC Ltd (June 2018-July 2019). Previously CEO of Land and Agricultural Development Bank of South Africa until January 2015. Holds MA in Economics from University of Durban-Westville and MA in Rural Development from Sussex University. [citation:3]
Siyabonga P. Hadebe (International Relations/Diplomacy)
South African diplomacy and foreign policy expert featured in @Diplomacy_Sa publication alongside prominent diplomats. Recognized for contributions to international relations and development policy. [citation:10]

Previous

Gwamanda Clan Names & Surname History

Next

Hlabisa Clan Names

5 Comments

  1. Kuthiwa Makhulukhulu ayi Nkulunkulu. Read properly guys

  2. Where can I find it…?

  3. Hadebe is zulu because in zulu the letter'R' doesn't exist and in xhosa it exists, it is the same surname just spelt differently

  4. Ngakengahambela eMtshezi naseMpangeni ngahlangana namakhehla akwaMtimkulu ngawabuza kabanzi ngalendaba yasemthondweni, bonaparte basebeyichaza kane, bathi uMtimkulu were namandla amakhulu kwezemithi yesintu, amandla akhe emakhulu ngalendlela yokuthi endaweni yakhe yokuthunda kwatholakala kumila izindlubu, ukubeni kwaziwa ukuthi emthundweni wendoda akumili lutho, into eyayibonakalisa ubukhulu bakhe – Kwase kubabazwa kuthiwa "Ndlubu zamila emthundweni" ngenxa talese senzakalo – eyomthondo Indiana ithanda ukungidida, Kodwa ngingayijabulela incazelo.

  5. Omakhulukhulu laba ngeke ubathinte thina sazala unkulunkulu sengisho ushembe wamanazareth

Leave a Reply to Unknown Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

© 2026