Izithakazelo zakwa Hlatshwayo π Hlatshwayo Clan Names and brief history
Abantu bakwaHlatshwayo bahlobene nabakwaNgwane nabaseSwazini.
Ulibo lwabo luhamba kanje:
Mhayise, Langa, Hlatshwayo, Sophikwase, Cebisa, Ngwanya, Mhlaba, Mgogodlane, Siyendane, Muleshe, Mhlaba2, Mgogodlane (Swazini)
Indlu yase Bergville:
Mgogodlane, Makhwelela, Shali, Novoyi (Somtseu) Siphiwe, Thulani, Siyendane, Manukuza, Mgezeni, Bambuhlanga.
Indlu yase Gege:
Muleshe, Mahubhu, Velamuva.
Nazi izibongo zakwa Hlatshwayo:
Ngwanya, Siyendane,
Gidogongweni ovalumnyango ngamakhanda amadoda,
Cebisa ka Mbengeshe,
Wena owacebisa amakhosi,
Mhayise wako Langa,
Hlatshwayo abahlabizinkomo zamadoda esibayeni,
Bazidle bangasolwa,
Mgogodlana,
Nina enanqoba ibutho lika Gobizembe,
Ngelengele !!
Izibongo zakwa Hlatshwayo with English translation:
Ngwanya, Siyendane,
(Ngwanya, Siyendane).
Gidogongweni ovalumnyango ngamakhanda amadoda,
(Gidogongweni who closes the door with the skulls of men).
Cebisa ka Mbengeshe,
(Cebisa, son of Mbengeshe).
Wena owacebisa amakhosi,
(You who advised the chiefs).
Mhayise wako Langa,
(Mhayise of Langa).
Hlatshwayo abahlabizinkomo zamadoda esibayeni,
(Hlatshwayo – those who slaughter the cattle of men in the kraal).
Bazidle bangasolwa,
(They ate them without being suspected/accused).
Mgogodlana,
(Mgogodlana).
Nina enanqoba ibutho lika Gobizembe,
(You who defeated the regiment of Gobizembe).
Ngelengele !!
(Ngelengele).
Ntokozo
Ntokozo Hlatshwayo from Zimbabwe …I family yethu yiyo kuphela eyakwahlatshwayo ezim….ngijabula kakhulu ukuthola imvelaphi yethu …
Elfas Dumisani Hatshwayo
Mina nkhulela la e sehlakwane I family yakwa Hlatshwayo yith ekhaya kphela ,bengfuna ukwaz iyhlobo zam
Sir kaMhayise
Ngicela owazi ihubo lwaka HLATSHWAYO
Mandlenkosi Hlatshwayo
Ekhaya ko Malume Ngyakhuleka.. Lisho kanjena:-
“Wabulala amakhosi, ingwe yohlanga
Mana nkonyane yohlanga,
Ungwanya bamazi izwe lonke, izwe lonke
Nkonyane yamaNgwanya, bayethuka
Soka siwashise amankengane, sicwecwa izizwe”
Prince Hlatshwayo
THANKS MHAYISE NGE HUBO LAKITHI BENGINGALAZI KODWA NGIFISA UKULIZWA LICULWA NOMA UBANI ONGASICULELA
Siphesihle Hlatshwayo
Sawubona bhuti, sibonga umsebenzi omuhle kangaka, sekuyi skhathi eside kakhulu ngifunana nehubo lamaHayise. Ngine scelo lana ku bhuti ukuthi uma kukhonakala angihayele lona inumber yami ka whatsapp 0680348487, igama uSiphesihle Hlatshwayo.
Ngiyabonga Mhayise.
Khanyo hlatshway
What i want to knw mina zikalala fika njani ka Hlatshwayo