Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.
Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.
Izithakazelo zakwa Myeni:
Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.
Mangqongqo Mangqongqo
Mbhobho I mean
Mangqongqo Mangqongqo
Izithakazelo ZakwaMafuleka
Ndinisa
Mbobho kaBikwayo
Mlaba
Mazalankosi azala uDlambula azala uLubelo
Mzomba
Ndlela zinomswani njengezendlovu
Thuliswayo
Bhejelibomvu!!!
0725311742
nazi izithakazelo zakithi uma seziphelele
Mnguni,nsinde, mzimela
mnguni waseningizimu
wena owawela imfolozi nemfolozana
wawela umkhuze nomkhuzana
wathi ungaphesheya komfula wachatheka ugwayi wabhema
ngisho nasentendeni yesandla uyenela
wena wakwa Mdolomba ongengakanani
ngoba nasothini lomkhonto uyahlala
mabasa endleleni zombili
enye eyokuya enye eyokubuya
nanti I HUBO lakwa MYENI
AKE SILUNGUZE SIKE SIBONE
SAZE SAFELA NDAWONYE
AY WE MANKWILI
AKE SILUNGUZE SIKE SIBONE
SAZE SAFELA NDAWONYE
ELINYE LITHI
YATHUTH’ INTUTHWANE
IYISA KWA MHLABA
BAYENQABA NGINGENE ESOKWENI
Nosipho myeni
Ngcela ukwaz ukuth abakwamyeni bakuhlanganisa konke yini umdolomba no mnguni ngizwa abaye bath bahlukene omyeni
Nontobeko Hlekwayo
Ngicela ongangisiza ngezithakazelo zakaHlekwayo
Musawenkosi Vuma
Mina ngifisa ukwazi ngesibongo sakwaVuma ukuthi sivelaphi, nezithakazelo angizitholi ma ekhona ozaziyo ngingajabula ukuzazi.
THULISILE NXUMALO
Thnks a lot to know more knowledge about the MYENI’S surname this is for the sake of my daughter n her father yena ungowakwa myeni EMANYISENI THNKS 4RM THULISILE NXUMALO.
Thabile Mendu
Ngicela ningisize ngezithakazelo zakwa Mendu
THOBEKILE
Mina ngingowakwa Myeni elavumisa ngidinga usizo angiwazi undeni wami ngyafisa ngelinye ilanga ukuxhumana nawo ukhona yini onganginceda plz igama lababa u Sikelela Myeni
Musawenkosi Vuma
Uma kungenzeka Abe ukhona awazi isibongo sakwaVuma nomlando waso angisize, nangezisho zakhona.
On Wed, 13 Jun 2018 00:11 Izibongo Nezithakazelo, wrote:
> THOBEKILE commented: “Mina ngingowakwa Myeni elavumisa ngidinga usizo > angiwazi undeni wami ngyafisa ngelinye ilanga ukuxhumana nawo ukhona yini > onganginceda plz igama lababa u Sikelela Myeni” >
Israel Myeni
Izithakazelo zo Myeni..
Myeni, Mnguni
wena wase Ningizimu,
wena owawela iMfolozi neMfolozane,
wena owawela uMkhuze noMkhuzana,
wena omabelemade ungancelisa ingane ngaphesheya komfula,
wena kaMdolomba ongengakanani nasentendeni yomkhonto ungahlala.
Mnguni Malambe, ingwenya ayidli enye ingwenya,
ithi ingadla enye ingwenya isuke isilambile.
AbakwaMyeni abayidli Insingizi ngoba yabathusa ngaseMhlosinga bengayazi lenyoni, bethi isilwane.
Wena owabhala ngozipho abanye bebhala ngempenseli.
Izindlu zakwaMyeni uNsinde no Mdolomba….
Israel Myeni
Mina ngingowakwaMyeni Eswazini. Ngizalwa ngu Maduna indodana ka Ngngelezi owayeyiduna eNtabayengwe ngaphansi kweNkosi un Zombizwe Mngomezulu.
Thobekile
BANI OWAZI IMIZI YAKWA MYENI E SWAZINI KWELAVUMISA?PLZ ASHO IF EKHONA OWAZIYO
Nontokozo Ngwenya
njengoba ngihlobene nabakwa Myeni ingabe ngivumelekile yin ukusebenzisa izithakazelo zakwa Myeni uma nginga zazi ezakwa Ngwenya?
moffat
Is there anyone knowing about the surname Xhakaza pls let me know if you are there
ntombieh kunene
Ngicela ukwaziswa ngezithakazelo zakwakunene odlomo nt ngwenya