Izithakazelo zakwa Hlatshwayo π Hlatshwayo Clan Names and brief history
Abantu bakwaHlatshwayo bahlobene nabakwaNgwane nabaseSwazini.
Ulibo lwabo luhamba kanje:
Mhayise, Langa, Hlatshwayo, Sophikwase, Cebisa, Ngwanya, Mhlaba, Mgogodlane, Siyendane, Muleshe, Mhlaba2, Mgogodlane (Swazini)
Indlu yase Bergville:
Mgogodlane, Makhwelela, Shali, Novoyi (Somtseu) Siphiwe, Thulani, Siyendane, Manukuza, Mgezeni, Bambuhlanga.
Indlu yase Gege:
Muleshe, Mahubhu, Velamuva.
Nazi izibongo zakwa Hlatshwayo:
Ngwanya, Siyendane,
Gidogongweni ovalumnyango ngamakhanda amadoda,
Cebisa ka Mbengeshe,
Wena owacebisa amakhosi,
Mhayise wako Langa,
Hlatshwayo abahlabizinkomo zamadoda esibayeni,
Bazidle bangasolwa,
Mgogodlana,
Nina enanqoba ibutho lika Gobizembe,
Ngelengele !!
Izibongo zakwa Hlatshwayo with English translation:
Ngwanya, Siyendane,
(Ngwanya, Siyendane).
Gidogongweni ovalumnyango ngamakhanda amadoda,
(Gidogongweni who closes the door with the skulls of men).
Cebisa ka Mbengeshe,
(Cebisa, son of Mbengeshe).
Wena owacebisa amakhosi,
(You who advised the chiefs).
Mhayise wako Langa,
(Mhayise of Langa).
Hlatshwayo abahlabizinkomo zamadoda esibayeni,
(Hlatshwayo – those who slaughter the cattle of men in the kraal).
Bazidle bangasolwa,
(They ate them without being suspected/accused).
Mgogodlana,
(Mgogodlana).
Nina enanqoba ibutho lika Gobizembe,
(You who defeated the regiment of Gobizembe).
Ngelengele !!
(Ngelengele).
mlungisi
Ukhulu wathi ungida egoge yinto eyayisho ubuzimuzimu. Bathi amadodana Kahlatshwayo waxabana lo omdala wathutha nomama ongama lakhe kwakunguKhobongwane bayohlala ehlathikhulu lapho abantu babethi uma bedlula bekathi ngida egogeni khobongwane umuntu asindwe yizinyawo bambambe bamundle. Wathi kungakho bebathi oHlatshwayo amabhengetha.
Busisiwe
I knw dat cuz ubabomcane wam told m dat
Sihlisizwe Hlatshwayo
Cebisa, uyiveza kahle indaba ngoba akusiwo wonke uHlatshwayo ongu Gid’gogweni. Eminye imizi ikakhulikazi eKZN iyayiphika lena ngoba yona ayizange ivelelwe yilomshophu wokulahlekelwa konke ize igcine ingamazimu. Ngakho uma uthole uHlatshwayo wothi Cebisa, Ngwanya,Mgogodlana, Mhayise, Siyendana,Ngele, Swazi. Ungaqhubeka uma wazi ukithi lomuntu oxoxa naye owamuphi umuzi.
mlungisi
Ukhokho; Magadamphefu Eshade no NaThabethe umkhulu uGagade eshade no Namfusi. Izingane uNomathemba, uNkosana, bhubhane, noNomasotho. Basuka emahasoni. Manje sesahlala eheidelberg nase Evanton.
mlungisi
Nina izithakazelo engizaziyo . UHLATSHWAYO, mahayise , ngwanya, ngelamuthi,wogama, kwasha kama kwasala iziphunzi,zasala zibaloyanisa nina baka siyanomthwalo katshabalala ,siyendane