Izithakazelo Zakwa-Jali 😍 Jali Clan Names
Sjongo,
Phumela,
Ngcolosi,
Mpemvu,
Mlomunendaba,
Mmemezi ka Hlangabeza !!
Abanye bazikhumbula kanje:
Jali,
Ngwane,
Bhengu,
Mthimude kaceyane,
Shongololo ngabe siyalidla sesaba imiletelete,
Hlangabeza,
Mepho,
Sjongo wena owabona ngeSondo ukuthi inyamazane iwelile,
Dlabazane sambula nkungu kuvele ilanga wenakaNgqatha ziyazukana ubuqathaqatha ukunya kwenjendala okwakungayi amachalaha kwakungoBhova !!
Abanye bazihaya kanje:
Jali!!
Mbenyezkrakra njengetshongwe,
Mgwaqu mpukwenkone evele ngomgca engceni,
Mhlanuvevele, Hlomendlini abanye behlomaphandle Ilanga Libalele, Mdli, Nomachide…
Futhi abanye bazihaya kanje:
JALI, MLOVU, NGCOLOSI, XAM’ODLUMSINGIZANE, NONDWANG’OMHLOPHE SEMBATHA NGUBO ABANYE BEMBATHA IMBELEKWANE XHINGU THEMBETHUSI !!
Umlando wakwaJali | Jali Clan History:
Cindezela lapha ukulalela umlando wabakwaJali
Click here to SEE MORE results for related to this surname
More about Jali JaliEducational videos
🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel
Dudeni, Jali kaMpuku ekone eyavela ngongca esicithini, Mbenye ‘zikrakra njengeTshongwe, Mdli, Mgaqo, boo Hlomendlini abanye behlomaphandle emini ilanga libalele.
Jali, Mlovu , Ngcolosi , xam’odlumsingizane , Nondwang’ omhlophe,sembatha ngubo abanye bembath mbelekwane,xhingu, themb’ethusi.
Jali, Mpuku ekone, Mbenye ‘zikrakra jengeShongwe nina boo Hlomendlini emini ilanga libalele
Iziduko zakwa mtyawazo