Izithakazelo zakwaMngoma

Ceng’elihle elintamonde,
Mabhala obhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Bozini,
Khongisa,
Dodoza,
Makhiwane,
Khala lembube elikhany’entabeni zokhahlamba,
Ntamonde ingaba mfisha yeza nonina,
Ukholokholo isibongo esingabongwa ngabaLandakazane,
Amalala alala nomunwe emuva avuke ancinde akhomb’izulu kwafiphal’ilanga,
Babuz’abakhunkuli bathi ubhula ngani abanye bebhula ngamathambo!

Izibongo zeSilo uDinuzulu kaCetshwayo

Izibongo zeSilo uDinuzulu kaCetshwayo UMamonga woSuthuUMamonga kabulali uyasizilaUqotha imbokode nesisekeloUfana neNdlovu emnyama yasOndiniUsilwa nankunzi mbiliEnye ngeyakwaNgenetsheniEnye ngeyaseBhanganomoUMgwazi kadinwa zinqapheliIsikhomo esikhomo Read more

Izithakazelo zakwa Mamba

Izithakazelo zakwa Mamba Ndlangamandla, Nkosi, Mphazima, Mntungwa, Mawandla kaNdlela, Nina baseMandlovini, Mlotshwa, Siwela, Mphazima kaLanga, Nina bakwaLanga libomvu, elashis'amabel'ezikhuthali, Mabuya Read more