Izithakazelo zakwa Mbokazi

Mbokazi, Donda, Sontuli, Hlumakazi ka Mdaka, Wena wasolwandle, Lwandle olungawelwayo! Oluwelwa izinkonjane kanye nabelungu, bona abaphapha phezulu, wena kaMhlakazanhlansi, phahlaphahla kubeSuthu, Sobiko kaSongabi, wena wesibongo eskhulu, kasishiwo emzini, wena kaMhlakaza nhlansi zibashise, wena kakhukh’olukhulu, olwahlanganisa indlu yakwaHlekazi, intombi ezekekayo kaHlumakazi kaMdaka, wena kaNqamlathusi, wena kaSnqamu’sobhedu, wena kaMlamlankunzi ziyeke zibulalane, wena kasichumo esbamba bantu sibayeke, wena kaNkos yomfazi. wena kaMtete, Mnguni kaCilo, Mbokazi !!

Those are the names I was told maybe you guys have more knowledge of others.