๐Ÿ’›

izithakazelo

Kheswa clan names. Iziduko Kheswa Meaning & History

Kheswaโ€™s history and izithakazelo

History if the Kheswa/Keswa

It is not clear how the descendants follow each other because this clan moved from under one king ship to another and there is no written evidence to substantiate any claims.

Kheswaโ€™s never had their own king ship but they survived as the clan with their own chieftancy.

AmaKheswa aluzalo lukaMnguni onguyise wawโ€™onke amaNguni, uMnguni wazalauGumede owazala uLuzumane owazala uMalandela owazala uZulu owazala uMagebaowazala uMpangazitha. Ovelelayo kumadodana kaMpangazitha uSontshikazionguyise wamaMbatha, ezinye izindlu kufakwa phakathi lena okuzalwa kuyouMakhathini aziveli emlandweni.

UMakhathini wazala amadodana amabili uKheswa noMbanguba, akucaci kahleukuxhumana okusuka kuMpangazitha kuyakuMakhathini. OKheswa bebaziwa ngokuthiamaChumane, beyiNhlangwini (Ixobho-Mzimkhulu)ngobuzwe.Umlando wesizwesamaHlubi ukhomba ukuthi ngesikhathi kubusa uNtsele(1735-1760) yilapho amaKheswa axebuka khona emaChunwini angena ngaphansikwamaHlubi.

UMpangazithi kaBhungani walinikwa leligama nguyise uBhunganingokubheka futhi kuhlonishwa ubuqawe bukaMpangazitha kaZulu ngokuthi wayephanga impahla, izinkomo kanye nomhlaba wezitha zake asuke azinqobile.Ngalokho oKheswa oMpangazitha bakaZulu hhayi oMpangazitha (Phakaditha) bakaBhungani futhiuzalwa nje okaBhungani oKheswa besebevela besemaHlutshini futhi uninauyisizukulwane sikaMpangazitha kaNozulu.

Ngesikhathi sezimpi kwelakwaZulu( Mfecane wars) uMpangazitha kaBhunganewabulawa ngamaNgwane ebuya eLesotho. AmaHlubi agcwala lonke izwe amanye ayaeKoloni, oMehlomakhulu, Sidinane, Siphethu noZibi isizukulwane sakhe. Esinyesitholakala eLesotho babizwa ngoPhakaditha ngesisotho okusho ukuthiMpangazitha.Ngaphambi kowe 1700 oKeswa bayisizukulwane sikaMpangazitha kaZulu kodwaohlangathini lwakaXhosa (Ikeswa Xhosa word meaning Descrimination/ukukhishwainyumbazane).

Lamadodana kaMakhathini uKheswa noMbanguba babanombango baxabana bodwa,kwathi uLucuncu indodana kaLuboko ekubona lokhu waphaka eyakhe impiwabachitha. Abanye babaleka bawela iMpofana kodwa babanotwete lokuwelauThukela nokuhlaselwa isizwe samaHlubi ngaphesheya komfula. Omkhulubahlanganisa amakhanda baqhamuka nesu lokuwela umfula nelokungena esizwenisamaHlubi.

Umlando ukhomba ukuthi kwakuyikwindla kuwelwa uThukela, kwaqalwakwathunyelwa izintombi kwathi uma amaHlubi ebona izintombi ziwela umfulangomlazana onameva futhi zizinhle zibushelelzi okwetshe lomfula bazamukela.Ngokwamukela kwezintombi kwalandela isizwe sonke kodwa safika simpofusingenalutho ngenxa yezimpi ngingakho kuthiwa siyizimpofana kodwa ezidlengobuhle nangobuluhlaza.

Ngenxa yobuhle bezintombi zakwaKeswa uBhungane 2waganwa yenye yezintombi, yingakho phela sibizwa NGAMAZALANKOSI ngobayintombi yasemaKesweni eyazala uMthimkhulu 2, Mpangazitha kaBhungani kanyenoMahwanqa okungamakhosi wamaHlubi.

Izithakazelo zethu zivela lapho amaHlubi ethakazela futhi ekhuzela izintombizakithi, lezizintombi bezithophwa kanje:

IZITHAKAZELO ZAKWA KHESWA
Kheswa,
Mnguni,
Nozulu,
Mpangazitha,
Mngunโ€™ omuhle wakwamchumane (Ntolwane),
Nozulu liyasa liyasibekela
Wezulu eliphezulu,
Elathathamba lathathumuntu kwangakulunyandaba
Kwathiwa inkosaze iyadlala.
Amachumane amahle aluhlaza abutshelezi njenge litshe lomfula.
Eza emanconcobela nje ngekwindla
Izimpofane ezawela uThukela nomlazana onameva
Ngabakhungwa ngogongolo
Enhla ne Mpofana noThukela
Abacwengโ€™ inga kudade bonkosi.
USuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlanya!

Popular people from Kheswa last name

Nonduduzo Khanyile (formerly Kheswa) (Legal)
Co-owner of TKN Incorporated, a 100% black-owned, female-led law firm based in Morningside. Winner of the 2019 Ithala Business Achievers Entrepreneur of the Year Award, receiving R100,000 towards her business.

Previous

Mpafane ยฎ clan names. Iziduko Mpafane ๐Ÿ˜ Mpafane Origin. Mpafane History

Next

Mfihlo ยฎ clan names. Iziduko Mfihlo ๐Ÿ˜ Mfihlo Origin. Mfihlo History

5 Comments

  1. Bongani

    Kheswa surname come from original kwa Zulu natal okheswa bayinzalo ka Mnguni o Kheswa babehlala ezindaweni ezahlukene kwa Zulu babehlala Olundi nase Mpofana eThukela uKheswa no Mbanguba bayisizukulwana sika Nozulu u Kheswa no Mbanguba bazalwa u Makhathini lesisizwe saziwa ngoba amaChumane salwa sodwa ke lesisizwe bebanga ubukhosi sachitheka abanye bayongena e eastern abanye bayongena e Lesotho abanye eswatin oKheswa bangamazulu ngobuzwe bayinzalo kwa Zulu ngisho nalapho base eastern cape mele siwqonde umlando bafethu e eastern cape kune zizwe ezahlukene kuna Bathembu amahlubi amaChumane amaBhele babuya la kwa Zulu labantu. Kuphinde kube naMampondo kube namaxhosa. Kuphinde kube namabhaca nawo abuya la kwa zulu abekho ngaphbansi kuka Xhosa banenkosi zabo amahlubi abathembu amabhaca nina maChumane nabulahla ubukhosi benu nihambe ningena ngaphansi kwezizwe lapho e eastern cape abanye bangene phansi kwa mahlubi abanye phansi kwa mabhaca isathakazelo sakwa Kheswa
    Nozulu
    Mpangazitha
    Makhathini
    Mnguni
    Mbanguba
    Mpofana
    Thukela
    Mnguni omuhle wakwa Mchumane Mazalankosi Nozulu liyasa liyasibekela Malandela nina bezulu eliphezulu eladuma lathatha umuntu kwanga kulunywa ndaba kwathiwa inkosazwe iyadlala izimpofana ezawela umlaza ngameva ngaba khungwa ngo gongolo enhla ne Mpofana ne Thukela inkonjane ebomvu endiza emafini amachumane amahle aluhlaza abushelezi njengetshe lomfula intombi engaganaga kwa Kheswa iyozala izinkwapha ngezinkwapha kepha eganele kwa Kheswa iyozala amacocobela usuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlana nina baso Olundi ulumahlikikana luzumana kaMnguni

  2. Ayabonga Makata

    Surname yam ithi Makata ndingu Nozulu ivelaphi ifani yona?

  3. Lulama

    Ndiyabonga ngendikufumene ngomlandu kagogo wam ndingumzukulu mna koKheswa

  4. Sihle Mantwana

    Sihle Mantwana kaKheswa based in Flagstaff living in Harding I’m proud of my history Kheswaclans so happy to know my roots ,background is important even my children will know where we from ๐Ÿ™๐Ÿ™ Nozulu ๐Ÿ‘Š

  5. Siyanda

    I wish I can communicate more with this groep. Ndiyabonga ngendikutholile. Ndingomnye wonozulu

Leave a Reply to Ayabonga Makata Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén