πŸ’›

izithakazelo

Mazibuko Clan Praises & Surname History

Izithakazelo zakwaMazibuko:

Khondlo,
Mwelase,
Nzima,
Muna,
Wena owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha,
Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda,
S`gawuli semithi emide nemifushane,
Mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini,
Nzimalamase ngobulandakazi,
Obuhlasehlase ithambo elagedla ezintabeni,
Okwathiwa ngoba nakhu esevula izibuko lokuwela kwathiwa nguMwelase,
Hlathikhulu,
Manzezulu, Phuthini,
Khuhlase kaMgabhi!

Previous

Mathaba, Meaning, Origin & History

Next

Mbanjwa, Meaning, Origin & History

5 Comments

  1. Im also Mazibuko Xhakaa umlambo ongawelwa zinkonjane ngoba zona zibhabha phezulu

  2. Is Sodumase not a Langa clan name?

  3. Isbongo esinamandla amakhulu lesi esiphethe izinsizwa ezisuthayo nezintombi ezinhle kodwa umbhedo ke asizwani nawo futhi siyashesha

  4. Ngingu maGcwabe, uGubhela, umumbo omhlophe okhanya masi esiswini kepha ozalwa iqhawekazi lakwa Nzima,Umwelase…umuntu akaqedwa kodwa ngyabathanda abakomalume bami.☺

  5. Mazibuko mwelase Sodumase Nzima etc

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026