Mchunu, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Abantu bakwa Mchunu kusengabe Nguni bazinza phakathi kwe Thaleni ne Nkandla no Mzinyathi.
Isizwe sakwa Mchunu sagqama ngenkathi kubusa inkosi uDingiswayo kwa Mthethwa, ngaleso sikhathi sabe sibuswa uMacingwane.
UMuzi ka Macingwane wabe use Thaleni ubizwa ngokuthi kuse Ngonyameni.

Izibongo ezihlobene nabakwa Mchunu u Majola, Mcumane, Ngqulunga no Ndawonde.
Ake sibazalanise:
U Mavovo uzale uNyanda Lubhoko (Dubandlela)
uLubhoko wazala uJama, Lucungu nabanye,
uJama wazala uMacingwane,
uMacingwane wazala uNsundu, Mfusi, Gandeduze, Ndabezimbi, Mqanyana, Phezulu, Nyoni no Phakade,
uPhakade wazala uGabangaye no Mbelebele,
uGabangaye wazala uSilwane, Ngomane nabanye,
uSilwane wazala u-Mzochithwayo yena ozale u-Simakade okunguyena obusayo manje,
uMfusi wazala uZimema owazala u-Mmeli.

Izithakazelo zakwa Mchunu:
Macingwane, Yeyesa, Phakade,
Wena wase Ngonyameni,
Jama ka Silwane,
Nyanda yemi khonto,
Phakade akagugi koze kuguge izingane zakhe,
Wena kano Gida ngo Bambo,
Ezinye izintombi zigida ngomshayelo.
Ndabezitha!

More about Mchunu

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

97 thoughts on “Mchunu, Meaning, Origin & Family History | Umlando”

  1. can you please elaborate more about the Mbelebele lineage…
    my surname is Mbelebele and my clan name is Tolo,dlangamandla,mchenge,Zulu it’s a mfengu clan name. am doing research on its origin.

    Reply
    • Mbelebele, nxa ungu Tolo you then aren’t related to amaChunu. AmaTolo are the same as amaZizi. There are two lineages which we can trace uTolo, one from Soga, one from Ayliff and Whiteside which they collected from amakhosi wamaZizi (they gathered all abaMbo in the EC) in about 1835. Ngizoqala ngokaSoga:
      Ndlovu
      Dlamini
      Sibalukhulu
      Khuze
      Tolo (iwele lika Zizi).
      I personally reject this one for various reasons. Here is the one I that is true.

      Mtiti
      Miya
      Ncwabe
      Dlangathi
      Ndzaba
      Masango
      Ngubondze
      Tolo noMtiti (amawele) kunye noShweme/Limakho. UMtiti kaNgubondze uzele uDlamini 2 ozala thina ooJama, Lamyeni, Tenya, Ndlovu noLanga oseLesotho. So, there. We are still gathering the exact descendants of Tolo kaNgubondze.
      AmaTolo and amaZizi descend from Mtiti 1 who is a descendant of Matalatala (Dlamini 1) of the Swatis.

      Reply
  2. ngejabula ngezincazelo zezibongo ikakhulu uMchunu noMajola khona abantu ababethanda ukungena phakathi kwethu engikuthandayo ukuthi umlando awuguquki uhlale umile nje

    Reply
  3. Siyabonga Sisi melisizwe

    Ngizwa uthi oNgqulunga bazwalwa Kwa Mchunu, Mina gezwa abanye bethi ongqulunga bakhuselwa kwaMchunu.
    ngayikuphi okuyiqiniso.

    Reply

Leave a Comment