Abantu bakwa Nzama kusengabantu bakwa Wosiyane, Imvelaphi yabo ikwa Ngcoba bahlobene no Dube, Nyusa nama Qadi. uNgcobo no Mkheshane bazalwa ngu Vumezitha wakwa Nyuswa bahlobene futhi no Shangase.
Abantu bakwa NZAMA Wosiyane baningi eMvoti.
Ake selamanise amakhosi akwa Wosiyane ngoba isibongo nesibongo umlando waso ulandeleka ngamakhosi aso.
Nzama, Manjanja, Khumalo (hhayi Mntungwa), Mvakela, Mashiza, Ngombane, Mvakwendlu, Tshani (hhayi wama Ngwane)
Kukhona nabanye bakwa Wosiyane abazibiza ngo Chamane.
Izithakazeli zakwa Nzama:
Wosiyane, Gcugcwa, Mashiza, Dingila, Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi,
Amanye amakhosi edume ngesithembu,
Nina enawela ngelibanzi,
Kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina baka mfazi kashaywa ngemvubu,
Kodwa ushaywa ngombhombolo wsidwaba,
Zukula kano Mbhoco,
Gcugcwa ka Ncameni,
Nina base Ntendeni.
Aw yithi labo owosiyane ozukula mmm
Bukhona ubukhosi kaNzama?
sbonga kakhulu ngomlando we2 mashiza makhosi ondabezitha baka nzama inkosi yakhona itholakala endwedwe kawosiyane egweni komkhulu bamawosiyane
Kubonakala sengathi uthumele kabili ngephutha. Ngibe sengiyicisha enye I comment ngoba zifana ncamashi.
Siyabonga ngokuzinika isikhathi.
Stanley Mpikiswano Mbatha
Very interesting ngishadele kangcobo haww kuthi Γ ngide
Ngyabonga kakhulu ngomlando wakwa
Nzama
Zithin ezakwa Ngobe izthakazelo?