Nzama, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Abantu bakwa Nzama kusengabantu bakwa Wosiyane, Imvelaphi yabo ikwa Ngcoba bahlobene no Dube, Nyusa nama Qadi. uNgcobo no Mkheshane bazalwa ngu Vumezitha wakwa Nyuswa bahlobene futhi no Shangase.
Abantu bakwa NZAMA Wosiyane baningi eMvoti.
Ake selamanise amakhosi akwa Wosiyane ngoba isibongo nesibongo umlando waso ulandeleka ngamakhosi aso.
Nzama, Manjanja, Khumalo (hhayi Mntungwa), Mvakela, Mashiza, Ngombane, Mvakwendlu, Tshani (hhayi wama Ngwane)
Kukhona nabanye bakwa Wosiyane abazibiza ngo Chamane.

Izithakazeli zakwa Nzama:

Wosiyane, Gcugcwa, Mashiza, Dingila, Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi,
Amanye amakhosi edume ngesithembu,
Nina enawela ngelibanzi,
Kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina baka mfazi kashaywa ngemvubu,
Kodwa ushaywa ngombhombolo wsidwaba,
Zukula kano Mbhoco,
Gcugcwa ka Ncameni,
Nina base Ntendeni !!


🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel

25 thoughts on “Nzama, Meaning, Origin & Family History | Umlando”

  1. Kubonakala sengathi uthumele kabili ngephutha. Ngibe sengiyicisha enye I comment ngoba zifana ncamashi.

    Siyabonga ngokuzinika isikhathi.

    Stanley Mpikiswano Mbatha

    Reply
  2. Very interesting ngishadele kangcobo haww kuthi àngide

    Reply
    • Ngyabonga kakhulu ngomlando wakwa
      Nzama

      Reply

Leave a Comment