clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Mkhwanazi

Izithakazelo zakwa-Mkhwanazi

Spheshu,
Madubandlela,
Somlomoti,Sodilakazi,
Nkwaliyenkosi,
Ndonga,Shamase,

Mwelase,
Sontuli,
Somkhele,Lele,
Khowa,Mayanda,
Dlebhu wabeSwazi,
wena owagula wamis’intamo,
Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mtubatuba wena owawulobolela amadoda,
Wena owathenga istimela,
Ninemali nina Bakhwanazi,
Veyane,

Mpandeyamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa liyagwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto eSikhwebesini kwapheph’inkosi yamaNtungwa,
Owasingath’ihwahwa kodwa wangaledlulisel’mlonyeni,
Mgidla, Lomafu,
Nkwenkwezi,
Sikhumba kaMthethwa kaMantewane,
Gagisa!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mkhwanazi!
Fonela lenombolo: 061 868 5163

 wenze i-oda lakho! 


Price: R200.00

Previous

Mhlongo

Next

Mncube

11 Comments

  1. I am just wondering ukuthi thina bo Nkwali,B(h)ukula kaMkwanazi siya ngena na under this genealogy since we have uMMwelase,Veyane,Shamase,Sontuli no Ndonga/Donga(caused by alterations by Xhosas) because asizithakazeli kanje but we have changed some praises noma used Nkwali's praises instead of Mhaba/MWelase

  2. Ngiyabonga
    ?

  3. Mkhomazi, matila, nhlanti, mthunzi omuhle ophumula amatjitji namatjongozi, mshanatsi, wena ongagcwali ngomuntu ugcwala ngomoya

  4. Mkhomazi, matila, nhlanti, mthunzi omuhle ophumula amatjitji namatjongozi, mshanatsi, wena ongagcwali ngomuntu ugcwala ngomoya

  5. Gidla, Gwagwa lika Gwagwa, Mpande yamadoda yithi labo

  6. Gidla, Gwagwa lika Gwagwa, Mpande yamadoda yithi labo

  7. Yithi abase gudunkomo thina bakwa nyathi ijamele kwaMzilikazi.zona ziyehluka lezithakazelo endlin ya Mtuba sizibiza ngenye indlela

  8. Ngithanda ukwazi kabanzi ngezithakazelo zakwa Mkhomazi.
    Mkhomazi ogcwala ngomoya invula ingekanethi

  9. KUNGABE LOKHU KUSHO UKTHI THINA NJEMTHETHWA
    SIHLOBENE NO.MKHWANAZI

  10. abekho abanezithakazelo ezinhle njengezakithi,o Shamase,Veyane,Ndonga,Nkwali yenkosi.haaaaaa Mtubatuba awu suka.

  11. NGIYAZITHANDA SHAME IZITHAKAZELO ZAKITHI ZINGISHAYA NGAPHAKATHI

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: